Ngiyawubonga unyaka ka-2012 - Umbono

2012-12-03 16:28

Cape Town - Usufike uDisemba akusekho ukujikela emuva, sekusele izinsuku ezimbalwa ukuthi uphethwe unyaka kanti abafundi basho ukuthi ubaphathe kanjani.

Babeke kanje:

USphamandla Madolo uthe: Bengifisa ukuqeda u-matric wami kwazise ngingowokuqala ekhaya ozewaqeda isikole.

Abaingi bayeka bengakaqedi.

UPatrick Mbal
uthe: Kimi  ube mubi kakhulu lo nyaka. NgoMashi ngangingcwaba udadewethu,  ngoMeyi ngaphelelwa umsebenzi kwathi ngoSepthemba ngashonelwa umfowethu.

Ngaphoqeka ukuthengisa imoto ngaphinda ngadlelwa umuzi, ube mubi kakhulu unyaka.

UKwazi Knowldge uthe: UNkulunkulu ungibusise ngendodakazi.

UMelisizwesamaphephethe Lunga Gwala uthe: Mina segiyawubonga, awuhambe uphele.

Angisoze ngalibala ngokushonelwa ingane yami inesonto elilodwa nje vo izelwe, ngingakayiboni nokuyibona.

UMzwakhe Buthelezi uthe:  Kwengangizibekele khona ngiyathokoza ukuthi kwenzekile yizeke kungafikanga kuleli izinga engangilfuna.

Nokho ngiphatheke kabi kakhulu uma uhulumeni ehluleka ukuvikela abantu abamvotela wababulalisa ngamaphoyisa belwela amalungelo abo eMarikana, waphinde wabhidliza izindlu zabantu.


USteve Zakhele Mthethwa
uthe: Lo kube unyaka omuhle kakhulu kimi ngoba ngikwazile ukwenza izinto zami ebengizifuna kanti nasemasenteni ngikwazile ukwenza athe xaxa uma ngiqhathanisa nale eminye edlule.

Ngiyafisa ozayo ube muhle kakhulu.

UNtokozo Maphumulo uthe: Ngeke ngiwukhohlwe, ngalahlekelwa ngothandiwe wami engozini yemoto, nokho okungijabulisile kube ukuthola umsebenzi.

UNkosikhona Nkocy Dube
uthe: U-2012 uhambe kahle impela kokuningi ebengikuhlelile kufezekile, kwasala lapha nalaphaya.

Okube mnadni kakhulu ingesikhathi kuqala isizini iKaizer Chiefs iwina ngo 6-0, ngaya enkundleni nomuntu owayegakaze aye phambini, manje njalo uma ngihamba ufuna ukuhamba nami.


UGugu Masuku uthe: Ngibe yisikhulu esiphezulu enkampanini.

Ngizizwa ngibusiseke kakhulu, sengilindele unyaka ozayo.


UMelusi Richman uthe: Ngihlangane nomuntu obe wusizo kakhulu empilweni yami, emuva kwesikhathi eside ngidwanguza ehlathini.

USbusiso Mavuso uthe: Ngokwezifiso zami, okuningi ngikwazile ukukwenza.

Lona ngunyaka angeke ngiwukhohlwe, ngalinyalelwa yingane yami, angisoze ngawukhohlwa empilweni yami.

Ngifikelwa yizinyembezi.




Disclaimer: INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

"Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).



- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Sunny. Mild. Pta: 3-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 5-16°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: 0-19°C Sunny. Mild.
Dbn: 10-27°C Sunny. Mild. PE: 15-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...