Lulama ngokushesha qhawe lethu - Abafundi
2012-12-11 15:08
Cape Town - Amalungu e-African National Congress kanye nabantu abaningi baseNingizimu Afrika, badlulise umlayezo kuloyo
owabe enguMengameli wezwe uNelson Mandela, 94, bethi akalulame ngokushesha.
UMandela wangeniswa esibhedlela ngoMgqibelo, odokotela bathi unenkinga emaphashini.
Nansi imilayezo yabafundi beZindaba News24:
UMfuthi MaSondiya Kasa MaSondiya uthe: Ngimfisela ukwelulama kodwa uma imihla yakhe seyiphelile angeke simvimbe uMdali ukuthi athathe okungokwakhe.
Lisebenzile iqhawe, kobe konke sekufeziwe emehlweni omdala wezinsuku.
UThembisile Fuyane uthe: Ngikufisela ukululama okuhuthumayo Madiba, siyakuthanda.
UShoba Siyabonga uthe: Tata sikufisela ukululama okusheshayo, sengathi iNkosi ingaqhubeka ikugcine.
USteve Zakhele Mthethwa uthe: Ngimfisela ukululama okusheshayo, uma kukhona okwenzekayo, izobe isishayile vele.
UMzwandile Ngwazi Jila uthe: INkosi ikubusise babaHolihlahla Nelson Mandela.
UKhombisile Mayeza uthe: Phephisa baba, phila nje tata Madiba. Sathola inkululeko ngenxa yakho.
Wakhathalela inkululeko yomuntu omnyama, qina qabane, siyakuthanda.
Disclaimer:
INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono
eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe
kuNews24, akuyona imibono yeNews24.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- News24