Libalulekile imuva lomuntu - Umbono

2012-11-28 13:31

Cape Town - Uthukuthele futhi uthi uzizwa ehlukumezekile umlisa waseBelgium osanda kuthola ukuthi umkakhe weminyaka engu-19, wazalwa eyindoda.

Lona usefake incwadi yesehlukaniso, uthi ubemazi umkakhe njengowesifazane omuhle futhi akanazo nakancane izimpawu zokuthi wake waba yindoda.

Sibuze abafundi ukuthi bakholwa wukuthi kubalulekile yini ukwazi imuva lomuntu othandana naye, baphendule kanje:

U- Agricolla Xolani Khumalo
uthe: Ngokwami libalulekile imuva lomuntu ngoba ilona elikutshela konke ngaye, ungamtshela noma inini owakwakho ngemuva lakho.

Okubalulekile wukuthi ugcine umtshelile.

UMbali Khomo uthe: Umuntu kuhle nje agonyuluke iqiniso zisuka, khona uzoyazi into ozifaka kuyona, uma ekuthanda umuntu akakuthande ngokweqiniso kungabi khona amanga ngoba mhla wathola iqiniso ngeke aphinde akuthembe, uyobona ukuthi kuningi omfihlele kona.

UCelenkosini Manqele uthe: Kuyabheda ukunaka imuva kodwa kule nsambatheka ebhekene nalo mlisa bengingathi abasale sebeqhubeka nothando lwabo.

Yini esazoshintsha uma behlukana.

U-Amu Mazibuko
uthe: Lena inkulu ayisazekeki, asikho isikhathi esiqondile sokudalula imfihlo.

Idalulwa isiqiniseko sokuthi umuntu wakho uzoyamukela kahle.

S’fiso Dlamini uthe: Mina ngibona ngazuthi osekudlule akungaxoxwa kuxova kakhulu, osekudlulile kumele kusale sekufa kanjalo nje.


Disclaimer: INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).




- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Kuyisibusiso ukuba nezinqa ezinkulu

Emizuzwini eyi-40 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Scattered showers. Morning clouds. Mild. Pta: 16-24°C Passing showers. Mostly cloudy. Mild.
Jhb: 13-19°C Showery. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 15-24°C Numerous showers. Partly sunny. Mild.
Dbn: 19-29°C Tstorms late. Afternoon clouds. Warm. PE: 17-23°C Showers early. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...