Kuyathembisa ngeBafana - Abahlaziyi

2013-01-28 16:22

Cape Town - Abantu baseNingizimu Afrika balale izinhliziyo zigezekile, kulandela ukuthi iqembu lesizwe iBafana Bafana ikhone ukuthi idlulele emqhudelwaneni wesibili wemidlalo ye-Africa Cup of Nations.

Abathandi bebhola bahlaziya umdlalo ngokuwubona kwabo.

UMjwi Buthelezi
uthe: Ushintsho olwenziwe umqeqeshi lokuthi akhiphe uMphela, lube luhle ngoba bebengahlangani phambili.

UThulani Khoza
uthe: Abafana bethu basebenzile kodwa kuningi ekusamele bakwenze.

Ngokwami akukahlangani kahle emuva, uKhumalo benoSangweni banokushayisana kancane, kumele u-Igesund akusukumele lokho.

UKhumalo ubukeka enokwethuka.


UMbali Fakude uthe: Icishe yasingcwaba iMorocco, sisizwe nguSangweni ngomzuzu wokugcina.

Angeke ngimlibale uKhune noMay Mahlangu.


UPinkie Cele uthe: UKhune ube nomdlalo omuhle kakhulu, uyancomeka umsebenzi ngiyamvuma.

Sibonga kakhulu kuSiyabonga Sangweni, umsebenzi wakho uyancomeka, nokho mkhulu umsebenzi umqeqeshi ekusamele awenze, kumele afunde ukushintsha abadlali.

UKhumalo ubezenzela umathanda akaliphasi ibhola, uPhala uyadlala yena kodwa unakho ukudidizela.

UYeye ufakwa ekugcineni kanti uuyadlala, uyakwazi ukukhanda amagolo kodwa akumele adlaliswe noTshabalala.

UZanele Zulu uthe: Ukuthi iqembu lidlulela phambili akusho ukuthi sekuphelile. Mukhulu umsebenzi ohlalele iqembu.

Asethembe umqeqeshi ubonile ukuthi uyaxeka u-backline wakhe.



Disclaimer: INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).




- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-26°C Sunny. Warm. Pta: 14-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 13-21°C Partly cloudy. Cool. PE: 15-20°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...