Kuyasiza ukuzehlisa emgwaqeni - Umbono

2013-02-20 16:18

Cape Town - UDanielle O'Donoghue waseLinksfield usevule icala lokushayeliswa kwabi yiphoyisa lomgwaqo athi laba nodlame, lamkhombisa isibhamu nebheji lomsebenzi.

Okhulumela amaphoyisa uLungile Dlamini uthi icala leli lizokwedluliselwa kuMqondisi wezokuShushiswa koMphakathi.

Sibuze abafundi beZindaba News24 ukuthi kuke kwenzeke yini bahlangabezane nabanye abashayeli abanidlame, sathi abaqhamuke nezeleuleko ezingasiza.

USimphiwe Spijo Nxumalo uthe: Kuhle ukuzehlisa noma ngabe uyazazi ukuthi ungusomandla noma uyisiqhwaga.

UZoe Myeza uthe: Akukho okudlula ukuzehlisa ngoba ungaze ufe ufele ubala, kunabantu ovele ubone nje ukuthi kwanqondo ngathi ayiphelele kahle ukwenza kwakhe.

Lolu hlobo ulubona ngokujaha ukulwa nokuthuka inhlamba, kuhle ukuvele uthule uhambe.

UZimele Talent uthe: Kufanele sikuqonde ukuthi amaphutha ayenzeka emgwaqweni, uma kukhona owenza iphutha eliphazamisa omunye lowo kufanele azehlise axolise,kudlulwe kuleyonto.

Inkinga abantu abasakufuni ukuxolisa noma benephutha, ukuzehlisa komuntu akumehlisi isithunzi.

UMenzy Dlamini uthe: Sonke siyawenza amaphutha emgwaqeni, ukugwema izinto eziningi kuhle umane uzivalele umlomo wakho, ushaye imoto yakho ikhale amaphepha.

UPrince Gift Zondo uthe: Kwenzeka njalo noma ikathathu ngenyanga, abelungu iningi labo abamfuni umuntu omnyama.

Ngike ngagibela itekisi, umlungu wayehambe engena phambi kwetekisi.

Iphoyisa lomgwaqo eGoli, langikhomba ngesibhamu ngihamba nezingane, sibanga ukuthi angilivulelanga phambi kwani.




 

Disclaimer: INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 19-32°C More sun than clouds. Hot.
Jhb: 16-27°C More sun than clouds. Warm. Bloem: 15-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-24°C Showers early. Decreasing cloudiness. Mild. PE: 18-23°C Showers early. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...