Kuphambana imibono ngoMotlanthe - UMbono

2012-11-29 16:33

Cape Town - UNobhala Jikelele weCosatu uZwelinzima Vavi usexwayise wathi ukushiywa ngaphandle kukaSekela Mengameli uKgalema Motlanthe, ezikhundleni eziyisithupha eziphezulu, kungase kube nomphumela ongemuhle eqenjini i-African National Congress, ngisho ngemuva kweMangaung.

UVavi usho kanjena njengoba kubonakale kuphakanyiswa igama likaCyril Ramaphosa, esikhundleni ekuhleli kuso uMotlanthe.

Abafundi bayaphawula ngokusho kukaVavi.

Philani Shakes Mshengu Shabalala
uthe: UVavi uyigwala lendoda, awumazi umi kuphi.

Uya ngala kuya khona uquqaba akasho yena nje ukuthi akamfuni uJacob Zuma ufuna uMotlanthe, engalokhu ezungeza, uyasaba kodwa uyakuthanda nokukhuluma.

Ukube uvele wazithulela nje ngoba awukho umehluko phakathi kweCosatu ne-ANC, bonke bazidlela imali, bangabangani.


UBhekisisa Erasmus Madlala
uthe: Angisilo ilungu lika-ANC kodwa cha angisho nami ukuthi uMotlante ungumholi onobuchule ebudingayo inhlangano kanye nezwe.

Unomqondo ozimele futhi wuqonda kangcono uMthethosisekelo we-ANC kanye nowezwe ngokunjalo.

Hleze uma sizokhumbula kahle ngesikhathi sikaMengameli uThabo Mbeki uMotlante ewuNobhala ka-ANC, yayekukhahlela ukuthathela izinyathelo ngaphakathi enhlanganweni labo ababexoshwa kuhulumeni (ongqongqoshe abenze amaphutha) ebeka isizathu sokuthi abaphulanga uMthethosisekelo ka-ANC kepha baphule okahulumeni, inhlangano ayingeni.

Bangaki ababengaba nesibindi salokho okanye bamele iqiniso njengaye?

Lokho kukodwa kukhomba ubuholi obuhluzekile.

UMabura Cyprian Malunga uthe: UMotlanthe uthule kakhulu, lokho kwenza singathembi ukuthi ubuholi bakhe buyoliphumelelisa yini izwe.

UMamane Xulu uthe: Kwayena nje uVavi ungumqhathi,  yena iminyaka mingaki ewuNobhala Jikelele weCosatu?

Akamdedeli ngani uBheki Ntshalintshali,ukuthi ukumbimbi akush ukuth akashaye umtheth asho ukuthi akuvoteolwe obani kuyekwe obani.

Zolo lokhu bebesho ukumkhipha wancengelwa, usebuyilekumfelandawonye usenomsila, akahambeli nemihlangano yombimbi kodwa uhlae eegxeka uZuma.

Akasiyeke ngoMontlante, yena siyamthanda nobuxoki bakhe kepha akaphumele obala, azake ukthi umu kuphi, uma engaphumeli obaka akathunyelwe eZimbambwe ayoba yinxusa.

UMusa Polo B Pholobs
uthe: Asimdingi thina umuntu oyisimungulu njengoMotlante, kuyimanje uthule  akasho noma uyalungenela ukhetho noma akangeni.

Manje uma ekhethwa afike azithulele, noma abuze umbuzo wokuthi "kambe ngangike ngasho yini ukuthi ngikhetheni" siyothini?

Ukhombisa ukungabi nantshisekelo naye, akangabi isichuse naye akaveze amava, hhay indaba yokusiswenkela nje kuphela.


U-Apostle Njabulo Mdu Hlophe uthe: UMotlantle uyisiziba esicwebile, noma kukhulumekani yena uthule nje.

Noma abanye befuna ukuba athathe esobengameli kodwa yena akaphumeli obala, anganikezwa esinye sezikhundla mhlaphe ayoba inxusa noma iseRussia noma kwelinye izwe.


Disclaimer: INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).



- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Ayizibekile phansi imbongi uNokwethemba

Emizuzwini eyi-17 edlule
Phawula kulolu daba
2 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-15°C Showers late. More sun than clouds. Cool. Pta: 13-28°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 8-21°C Sunny. Mild. Bloem: 3-17°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-22°C Morning clouds. Mild. PE: 12-17°C Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...