Kuphambana imibono ngabacela imali emigwaqeni

2013-02-07 16:30

Cape Town - Ucwaningo olwenziwe ngabakwaHelping Hand luthi abelungu abacela imali emigwaqeni, balala okungenani benze u-R172 ngosuku.

U-16% wabantu abacelayo uthe awulali nemali engaphansi kuka-R50 ngosuku, U-7% wathi kuyenzeka uthole imali ize idlule ku-R500 kanti u-25% wathi kuyenzeka ulale no-R250.

U-78% ekukhulunywe nawo, uveze ukuthi ungathanda ukusebenza kod...wa awuyifuni imisebenzi esezingeni eliphansi.


Sibuze abafundi bethu ukuthi bathini ngalolu cwaningo kanjalo nokuthi bayabanika yini bona abantu abacela imali.

Baphendule kanje:

UPhumi LovingQueen Nkomose uthe: Angisabaniki ngoba bangamaqili, omunye wathi ucela imali yesinkwa ngakhipha isinkwa ngamnika sathi singasuka nje isitimela wathatha isinkwa wasilahla.

UWandi Mkhize uthe: Inkinga yami wukuthi uma ngibuza izingane ezicelayo ukuthi zifuna ukuphila le mpilo zize zife, zivele zibaleke.

Uma kuyikhehla ngilibuza ukuthi iphi imali yalo yempesheni, bese liyathula.

UDerick Vumelani Mngomezulu
uthe: Lento iyahlupha ngoba laba bantu benza imali edlula eyomuntu osebenzayo, mina eThekwini ngathi ngisebhange ngabona umuntu ozenza okhubazekile evalela insavunsavu yemali ebhange.

UMa-lady Mthembu uthe: Mina kukhona engamupha u-R50 ngithi uhluphekile kanti yilaba bamasalamuzi, wangigcoba ngezinto zakhe ngagcina sengikhiphe imali eningi.

UNhlakanipho Brian Shandu uthe: Angisoze ngapha umlungu imali, wayekuphi yna siphucwa izwe?

UBongiwe Fikile Nkabinde
uthe: Ngithi mina singabaniki imali ngoba abanye yizinswelaboya, bathenga izidakamizwa ngemali.

Uma umuntu enenkinga akaye emahhovisi akwaSassa ayocela usizo bazobona-ke bona uma kumele asizwe.

Abanye kulaba baphethwe ubuvila.





Disclaimer: INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Ukungathembeki

2014-09-15 16:12
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-21°C More sun than clouds. Mild. Pta: 11-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 11-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 15-28°C Morning clouds. Warm. PE: 13-22°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...