Kuncane okudinga ukulungiswa kuBafana - Umbono

2013-01-23 16:24

Cape Town - Iqembu lesizwe iBafana Bafana lizodlala umdlalo walo wesibili ne-Angola, emdlalweni yendebe ye-Africa Cup of Nations, eThekwini.

Abalandeli bebhola bathi akukuningi kangako ekumele kulungiswe kuze iqembu lizokwazi ukuwina.

UMnqobi Melokuhle Mbambo uthe: Abadlali bahlale besethembeni lokuthi amanye amaqembu adlilwe noma adlale ngokulingana.

Koze kube nini simincela leyonto? Sesikhathele manje, kumele kuwinywe noma ikanjani.

Kungani abadlali besiphendula inhlekisa kwamanye amazwe?

Kungani oMphela, Majoro, Parker kanye noRantie bathwale ijjoka, kanti abanye bona kuthiwa bangawashayi yini amagoli?

UThabiso Mtshali uthe: Kumele umdlalo bawuqale ngoTshabalala, Majoro noParker, kuthi uThuso Phala athi ukuphumule kancane.

ULungelo Buthelezi uthe: Selidume ladlula nayo iBafana, isikhathi asisekho.

Lento yonakala phezulu kwi-SAFA, uma vele kubheda inhloko yekhaya nomuzi uyaxega.

Ibhola lakuleli liphethwe abantu abangalazi abangakaze balithinte nhlobo, uma ibhola lingadlalwa ezkoleni, kuphinde kube namaLigi asemazingeni aphansi kungalunga.

INingizimu Afrika inkulu kabi kodwa uma kubhekwa abadlali kugxilwa kakhulu emadolobheni amakhulu zishaywe indiva lezi zindawo zasemakhaya kanti ithalente eliningi libuzwa kuzo.

Kumele kuhlakazwe le-SAFA engenzi lutho.


UJabulany Dube uthe: Akukhokhelwe uMatatazela imali yakhe, ngale kwalokho angiboni inqoba ngoba uyawazi umuthi loya muntu.

UMpume SyapensaBucs Mngomezulu
uthe: Kumele bayeke ukulokhu benika umuntu oyedwa (Simphiwe Tshabalala) ibhola.



Disclaimer: INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


 

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C Sunny. Mild. Pta: 14-29°C Rain late. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 11-25°C Numerous showers. High level clouds. Mild. Bloem: 11-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-25°C Mostly sunny. Mild. PE: 15-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...