Kukaningi uNkulunkulu enikela ngabantu kuSathane

2015-01-15 12:31
Sibongiseni iNtshebe Shangase

Sibongiseni iNtshebe Shangase

Durban - Uma uJehova engafuni ngingene ezulwini akamane ayeke. Izinceku zakhe zishodelwa yisisoka zimkhankasela ngodlame nezinsongo nokufa.

Angikwazi ke ukucimeza ngimise ingqondo yami engiphiwe uMdali ngizijube enkolweni enje.

Amakholwa ankolo yawo isuselwe eBhayibhelini elingcwele awave emtusa uSathane. Kaningi amakholwa athi angathola ukuthi ungumuntu ophumele obala ngokungasonti kwakho bese egxumela ekutheni kusho ukuthi usebenzela uSathane…chabo-bo, angikwazi nje ukuthi ngibe yimina ngaphandle kokuzibandakanya nale ngxovangxova yeZulu nesihogo noSathane noJehova?

Isikhathi esiningi uma uthi awusonti uthathwa njengomuntu obalekela iqiniso (lenkolo) ngoba nakhu efuna ukuzitika ngesono ngaphandle kokwesaba. Lawa amanga aluhlaza, kahle-hle abantu abayizoni kakhulu yilabo abazelwe kabusha basindiswa egameni lamanga.

Ngisho kanjani ukuthi egameni lamanga na? Yingoba iBhayibheli likuveza kucace ukuthi uJehova noSathane bayalingana futhi banoku”bloma” ndawonye kwazisholo abafana.

UJehova kaningi uvezwa exoxa noSathane bebuka imfuyo yabo (thina bantu) iyaluza emhlabeni. Ngenxa yokuqhudelana ngamandla baningi abantu uJehova anikela ngabo kuSathane ukuthi abanephuze agcine la ethanda khona.

Umbuzo enginawo, yini uma uJehova emkhulu kunoSathane angavelanga waqeda ngaye zibekwa, uma uSathane ehlule ukuziphatha kahle esaseZulwini (ngoba kuthiwa waxoshwa khona emva kokungaziphathi kahle) pho thina besiyini la emhlabeni.  Amakholwa anokutusa uSathane njalo uma izifiso zawo zingafezekanga…angazi ukuthi ababoni yini ukuthi yilapho bemgcoba khona uSathane bemnika amandla ngezinto ezimbi ezenzekayo.

Funda nalolu daba: UJehova oseBhayibhelini unonya nobuqili

Ubudedengu babashayeli emgwaqweni kudaleka izingozi ezishaqa abantu abaningi ngesikhathi esisodwa abazalwane bathi hhayi kubhoke uSathanizimu ubezophuza igazi, ubekuphi uNkulunkulu ngenkathi uSathane ezisikela kwelinonile kubantu bakhe? Bese kuthiwa uJehova uyasithanda, akasithandi uma ezosiyekelela noSathane kanje.

Abantu abafuni ukwamukela amaphutha abawenze bona ngezandla zabo njalo bagxeka uSathane. Adlwengule umuntu bese uma ebanjwa ethi hhayi bengilingwe uSathane nje, yibhadi likaSathane.

Kudilike ibhilidi lipitshize amakholwa kuthiwe hhayi uSathane nje ulwa nemisebenzi kaJehova…uthule uthini uJehova.

Ngifisa engathi amakholwa angapheza ukukhomba ubusathane kubantu afunde ukwamukela amaphutha awo ngoba lokho kuyamdlondlobalisa uSathane.




Xhumana neNtshebe ku-sbmvula@gmail.com

Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

- News 24

Phawula kulolu daba
2 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-22°C High level clouds. Mild. Pta: 14-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-21°C Partly cloudy. Cool. PE: 15-19°C Decreasing cloudiness. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...