Konakele kakhulu ezikoleni - Umbono

2012-09-14 15:21

Cape Town - Sekuphinde kwahlaselwa omunye uthisha phambi kwabafundi, kanti-ke lokhu sekushiye othisha basesikoleni esise-Eastern Cape bethuka izanya.

Bathi sebehlezi bethukile ngenxa yokuthi izigebengu zibakhomba ngemimese zibasabise nangezibhamu ezingamathoyizi emagcekeni esikole.

Bathi sebeyasaba nokuya ezikoleni bayofundisa, nokuphazamisa abafundi.

Abafundi bethu baphawule kanje embuzweni wokuthi ngokubona kwabo zingaqiniswa kanjani ezokuphepha ezikoleni:

Noluthando Mbanjwa: Umphakathi kumele usebenze ngokuzikhandla kukhethwe ama-forum obhekana nezikole zawo ukuze zishaywe izigebengu, asibeseke ngakho konke othisha bathuthukisa ikusasa lezingane zethu.

Collin Sandile Kansas Khathi: Njengazo zonke izikhungo zikahulumeni, maziqashelwe izinkampani zonogada ukuqinisekisa ukuphepha ezikoleni! Kepha kube nohlelo lokulawula ukukhokhelwa kwazo, lokhu kwenziwe ezingeni likazwelonke ukugwema inkohlakalo.

Derrick Sirayi: Kunzima kule ndaba, ngenxa yokuthi la bantwana baphuma emakhaya abahlali emigwaqeni, noma bangaseshwa uma bengena sizobuye sikhale thina sithi kuhlukunyezwa izingane zethu.

Bongy Shabzo: Onogada bayasaba ukugqolozelwa amehlo anewunga ngoba izingane zihlala zihlomile lezi zingane zimangaze uNgqongqoshe wezeMfundo e-KZN uSenzo Mchunu ethola inqwaba yezikhali ezumisile zingazi ukuthi uyeza zazilahla phansi.

 

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

 


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-15°C Rain late. More clouds than sun. Cool. Pta: 3-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 5-14°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: 0-10°C Sunny. Cool.
Dbn: 13-19°C More sun than clouds. Cool. PE: 11-17°C Showery. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...