Iyinkinga eyokubekela umhlalaphansi - Umbono

2013-01-21 16:07

Cape Town - Umeluleki wezezimali wakwaSanlam uDanelle Esterhuizen, uthi abantu abaningi baseNingizimu Afrika abazihlelile ngendlela izimali zabo.

Uthi okungenani u-47% wabantu ubheke ukwelekelelwa ngamalungu omndeni uma usuthathe umhlalaphansi.

Abaningi bathi kuwukuzihlukumeza ukubeka imali uthi wenzela uma usuthatha umhlalaphansi, bathi le mali igcina idliwa yizinkampani, ngale kwalokho bathi indlu ensundu ayikuqondi kahle lokhu.

UThembinkoc Mtshali uthe: Thinandlu emnyama asiphiwanga kahle ngasekucabangeleni ikusasa kanye nempilo ezayo.

UJabu Phakathi uthe: Thina bantu abamnyama asithandi ukulungiselela ikusasa, uma umuntu umbonisa ngezinto ezifana nalezi uvele abone sengathi ufuna ukumbulala.

UNolitha Mchizana uthe: Ayidalelwanga thina leyo singabantu abamnyama siyabulalana

UBaba Ka Osiphile Sokhela
uthe: Imali siyayibeka, yona le ebanjwa emholweni yethu nsuku zonke bese abaqashi beyithatha beyoyibeka ezinkampanini ezifana noSanlam, kuthi uma sekufika isikhathi sempesheni bakunike ingxenye ewu 1/3 yalokho onakho eskhwameni.

Enye bathi uzoyithola kancane uze ufe, uma kwenzeka uqeda unyaka uthathe umhlalaphansni bese ufa, ushiya eningi imali enkampanini.

Akushintshwe imithetho uhulumeni ayeke ukuganga ngabakhokhi bentela, umuntu obesebenza akayithole yonke imali anayo esikhwameni sakhe sempesheni uma sekufika isikhathi sakhe sempesheni bese ethola nempesheni kahulumeni.

Angithi ubekhokha intela lomuntu ? Sikhokha intela uhulumeni ayithathe ondle ngayo izigebengu ezisiphilisa kabuhlungu sisebenza zithi uma seziguga aphinde anike zona impesheni asincishe thina kade sisebenza sikhokha intela zonke izinsuku.

UThabani Dubazana
uthe: Kudingeka osolwazi ekuphathweni kwezimali ukuba balekelele ngoba kuyacaca ukuthi inkulu inkinga emphakathini wakithi.




Disclaimer: INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).





- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Impakamo

2014-09-22 08:37
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-23°C High level clouds. Mild. Pta: 11-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 9-22°C Sunny. Mild. Bloem: 9-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 12-26°C Morning clouds. Mild. PE: 12-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...