Iyinkinga eyegama - Imibono yabafundi

2013-01-04 15:04
Yabelani Shicilela

Cape Town - Intombazane ena-15, ithi izolwa kuphuke izandla izama ukuphoqa uMnyango wezaseKhaya ukuthi uvume ukuyibhalisa igama eyalethiwa ngunina elithiBlaer.


Le ntombazabe yase-Iceland, okumanje engenagama, yethiwa ngunina leli gama futhi yabhabhadiswa ngalo.

Uhulumeni wezwe unohlu lwamagama ekuvumeleke ukuqanjwa ngawo abantwana, ohlwini alikho elithiBlaer.

Abafundi beZindaba News24 baphawula ngamagama abo nalawo abake bawezwe.

Richard Mkhize uthe: Mina ngalishintsha elami igama, ngingalithandi futhi ngingalizwa kahle.

Abazali banecala lokunika abantwana amagama angasile, ngezinye izikhathi, uzwe umuntu kuthiwa uKhohlwangifile, Ngakhephi, Jikanelanga, Nonkani.... wonke nje lamagama awamile kahle.

Maningi amagama angezwakali kahle futhi adidayo nanganambithisiseki kahle.

Abazali abayeke ukwenza lento yimbi, abayeke ukuqamba izingane ngamagama angasile ngenxa yesimo sangaleso sikhathi, uzwe omunye kuthiwa nguNtombiyendlela ngoba wazalelwa endleni abazali bakhe beya e-Eastern Cape.

Lento ibangela nokweyisana kwezingane, omunye wagwazwa wafa kudelelwana kusukela emagameni.

Pro Nkawu Masteko uthe: Kunamagama aqanjwa izingane ngoba kuliwa izimpi ezithile, imvamisa uma kunesithembu - lawa magama afana noQedumona, Mkhanyiselwa, ubagezile noSebenzile.

UBoojie Boojie Shandappa uthe: Mina ngayeka elika-Agrippa ngoba angilazi nokuthi lisho ukuthini, manje nginguSbu nje kwaphela!




 

Disclaimer: INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).



- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-26°C High level clouds. Warm. Pta: 12-22°C More sun than clouds. Mild.
Jhb: 8-18°C Morning clouds. Mild. Bloem: 9-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-22°C More sun than clouds. Mild. PE: 12-23°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...