Iyaxaka eyeSundowns - Umbono
2012-12-03 11:56
Cape Town - Owabe eqeqesha iBafana Bafana uPitso Mosimane, useqashwe njengomqeqeshi omusha weMamelodi Sundowns.
UMosimane uzongena ezicathulweni zikaJohan Neeskens, osexoshiwe.
Abafundi bayaphawula ngalokhu.
UMxolisi Khanyeza uthe: Kwavele kwaba mnyama kakhulu, sebehlanganise ubaba nendodana uMosimane noModise.
Simbi kakhulu isinqumo seqembu.
USphah Mkhize uthe: UPitso uyozehlisa yena isithunzi ngokuya kuDowns, sesihambile isikhathi, ayisekho into azoyenzela iqembu.
UMzoxolo Tshude uthe: Kuhle kakhulu maBrazillians, uPitso uzoza noshintsho.
UBongani Mthembu uthe: Siyabonga Patrice Motsepe, benisamgcineleni vele umqeqeshi sonke lesi sikhathi?
UMatha MaMntungwa OkaNyawose uthe: Inkinga ayikho kumqeqeshi kodwa ikubadlali uqobo!
UPitso naye izomxaka iDowns, ake kwehliswe amaholo abadlali mhlawumbe bazophaphama.
UBongani Mthembu uthe: IDowns yenze kahle kakhulu, inabadlalli abahle ngyakholw ukuthi uPitso uzokwazi ukuyisiza.
UMjey Sbonga Skhokhorico uthe: Bathathe Pitso ubabeke kuNFD.
Uthini wena ngesinqumo seqembu?
Thumela umbono wakho ku-isizulu@news24.com
Disclaimer:
INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono
eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe
kuNews24, akuyona imibono yeNews24.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- News24