Isikhwele siyalubulala uthando - Umbono
2013-02-26 15:55
Cape Town - Izazi zithi isikhwele, izinkinga zasembhedeni, ukuvuselana amagqubu, imali, abantu basemzini kanye nezithandwa zakudala, ngezinye zezinto ezibubulala zibuqede ubudlelwano bababili uma zingalungiswanga ngendlela.
Abafundi bethu bayaphawula ngalokhu.
UThemba Thezuthando uthe: Kwangehlela lokhu, wayefuna ukuhamba naye kuyo yonke imicimbi okanye amfonele ebusuku ambuze impilo, ngagcina ngimyekile.
UKhombisile Masishingishane Mngomezulu uthe: Yiqiniso lelo, ayikho into ebaluleke njengokuxoxa othandweni.
Izinto eningazithandi kumele nizikhulume, ukulalela imizwa yomunye umuntu kanye nokuqondisisa indlela adalwe ngayo kubalulekile.
UMpume SyapensaBucs Mngomezulu uthe: Ngempela umuntu usuke ekhulumelani nomuntu wakhe nge-Ex yakhe?
Naka isikhathi sakho ukhohlwe ilokhu osekwadlula.
USonakali Sthembiso Mthembu uthe: Kuyiqiniso kakhulu lokhu okubalulwayo, ocansini amadoda awaxoxi nophathina bawo.
Azi ukuthi umfazi akumele ukhulume naye zonke izinto kanti kuyadingeka nibonisane ngakho konke othandweni.
UMesuli Mabuza uthe: Uthando olusingathwe inkinga aluvamile kuphumelela, ngoba anibe nisakhuluma kahle nivele nithule kodwa kube konakala.
Disclaimer:
INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono
eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe
kuNews24, akuyona imibono yeNews24.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- News 24