Isifiso sami sikaKhisimusi - Abafundi
2012-12-10 16:51
Cape Town - Isikhathi sikaKhisimusi yisikhathi abantu abaningi abasijabulelayo, abasichitha ngokuzithokozisa kanjaolo nokuthokozisa abathandiweyo babo.
Abanye bathengelana izimoto, imizi, izingane zithengelwe amathoyizi nakho konke okunye okufika kuthinte inhliziyo.
Sibuze abafundi ukuthi yini abangathokozela ukuyamukela njengesipho, kulo khisimusi, kunjaloio bafisa ukubajabulisa kanjani abathandiweyo babo.
UProfessor Bhengu
uthe: Mina bengiqongelela
imali njengoba ngenza i-apprentice yami. Ngifisa ukukhipha umama siyodla
kamnandi.
Ngesingami bengingayijabulela i-laptop, ingenza ukufunda kube lula kanye
nokwenza ucwaningo kwenzeke kalula.
Mancane amathuba okuthi lokhu kufezeke, okwamanje ngizogxila
ekuqedeleni ukuqeqeshwa ukuze ngisebenze ngizithengele le-laptop.
UMbuyiseni Thulani uthe: Ngingajabula uma ngingathol imoto eyiBMW 325, ka-1994. Ngihlela ukuvakashela udadewethu eGoli, imali angikweleta yona engu-R1000 angeke ayibuyise, yiwona khisimusi wakhe loyo.
USlindile Vezi uthe: Ngihlela ukujabulisa umama wami ngokumfakela ama-tiles endlini yakhe, ngimthengele nomabonakude omusha, mina ngingakujabulela ukuthola i-laptop.
USakhile Thandinkomo Mpanza uthe: Ngingajubula uma ngingakwazi ukuthengela umndeni wami ukudla okwanele ngalo khisimusi, ngiphinde ngilungise kahle umuzi wasekhaya.
UCebolamadlaba Zimceliskies Shezi uthe: Isipho engingasijabulela ngalo Khisimusi kungaba yibhodlela le-whisky
UTebogo Masuku uthe: Mina ngingajabulela indlu okungeyami kanti ngihlela ukujabulisa abazali bami ngibakhiphele endaweni abangakaze baye kuyo, ngifisa ukubabonga ngokungikhulisela izingane zami.
UBongani Thango Ngorowa Muzi uthe: Ngabe kufezeke konke uma ngingathola le ntombi engishikilise iminyaka ewu-9.
Kobe kwanele kimi
Wena ufisa isipho esinjani ngalo Khisimusi, ufisa ukwenzela bani, ini?
Disclaimer:
INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono
eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe
kuNews24, akuyona imibono yeNews24.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- News24