Iphezu kwamaqhinga le ndoda - Umbono

2012-11-09 16:36

Cape Town - Indoda yasePort Elizabeth ithi icela ukuqashwa ngabesifazane ibahlanzele izindlu zabo, phezu kwalokho ibabonge ngemali esuka ku-R100 iya ku-R150.

Kamuva nje ubesebenzela othize owaziwa kuphela ngokuthi uThandile (ongathandanga ukuphawula kwabezindaba), indoda ithi ayikhethe bala lamuntu, kuphela nje ifuna ukusebenza.

Abafundi badidekile ngale ndoda kanti abanye bathi bakholwa wukuthi iphezu kwamaqhinga.


UNkosinathi Hlokoloza Mathand'shukela Ndlovu uthe: Yisela noma umdlwenguli lona.

USinenhlanhla Lucky uthe: Asobe mina ngayiqash ale ndoda, iyimpisi embethe isikhumba semvu.

USbo Fowh Zulu uthe: Yichilo lelo! Maningi amaqhing akaSathane lapha ngaphandle, indoda lena ilandela ibhodwe eliconsayo, kungani akhethe abesifazane kuphela.

UNhlanhla Ntoz Geelbooi uthe: Akahambe ayokwenza imisebenzi eyenziwa ngamadoda, ufuna ukubenzani abantu besifazane.

UNokuthula Ncokwane uthe: Kukhona okushaya amanzi ngale ndoda, wake wayizwaphi eyokuthi isisebenzi siholele umqashi!
Ingahamba ishone namandla ayo
.

ULumka Mnyaka uthe: Mina ngiseP E, ngek ekodwa ngamqasha lo muntu ukuthi azosebenza kwami, ngiyacabang aangagcina englidlwengula nezingane zami.

UMthokozisi Jali uthe: Unenhloso ethize lo mlisa, ngiyacabanga uphezu kwamaqhinga okuthola owesifazane ongenayo indoda.



Disclaimer: INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Isikhokho

2014-11-28 15:10
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-24°C High level clouds. Mild. Pta: 17-28°C a few showers. Afternoon clouds. Warm.
Jhb: 14-24°C Afternoon clouds. Mild. Bloem: 13-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-23°C More clouds than sun. Mild. PE: 15-22°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...