Inxeba le ndoda alihlekwa - Umbono

2012-10-16 16:16

Cape Town - Umculi uMolemo "Jub Jub" Maarohanye nalowo asolwa naye uThemba Tshabalala balahlwe yiwona wonke amacala akade bebekwe wona, kusho iNkantolo yeMantshi yaseProtea, eSoweto, ngoLwesibili.

Abacala ahlanganisa amane okubulala ngokungenhloso, kube amabili okuzama ukubulala.

Abafundi bayaphawula.

USbusiso Ntuswa uthe: Kunzima, laba babulale ngokungenhloso, kade besijabulisa benza into abayithandayo bejahana ngezimoto, inkinga kwaba yindawo ababedlalela kuyo.

Ngiyakholelwa ekutheni kukhona abebesisakala ngokuba khona kwabo emdenini manje izimpilo zalabo nazo zizothikamezeka.

UZama P Mhlongo uthe: Yebo babulala kodwa kwakungesiyo inhloso.

UGcebile P Tsabedze uthe: Kwakungeyona inhloso yabo ukubulala, kwaba yiphutha.

Inxeba le ndoda alihlekwe, uyahleka namlanje kusasa kungawe, kwenzeka intando kaNkulunkulu.

UNdumiso Gumede uthe: Anginalo noluncane uzwelano nabo ngoba abakwenza ngubudedengu nobuphukuphuku, kumele bajeze, lokhu kungaba yisifundo nakwabanye.

UMxolisi uthe: Babulala kodwa hhayi ngenhloso, siyabonga ukuthi umthetho udlala indima yawo.

Ukufa kwadala noma singakhala nje.


USbu Ntshangase uthe: Yize noma wayengaqondile kodwa akudlali ukukhulisa ingane kanzima beseivele ife nje kalula ibulawa umuntu odle izidakamizwa.

UCthe Meja uthe: Icala lembula ingubo lingene, okwehlele laba bafowethu kuyinto eyenzeka kunoma ubani, ungathi nje uyashayela bese nawe ushayisa abantu ungaqondile.



Disclaimer: INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).





Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-24°C Sunny. Mild. Pta: 19-26°C Heavy rain. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 17-24°C Numerous showers. More clouds than sun. Mild. Bloem: 16-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 23-28°C a few tstorms. More clouds than sun. Warm. PE: 20-23°C Showers early. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...