Indoda ayibhekane neshende likankosikazi - Umbono
2012-12-21 14:31
Cape Town - Indoda yaseGoli izame ukubeka icala iFirstRand Bank ngemuva kokuthi umkayo ejole nenye indoda asebenza nayo esasebenzela leli bhange.
UDessie Ramnath ukholelwa ekutheni ibhange leli kumele limnxephezele ngobuhlungu adlule kubo ngenxa yokujola kukankosikazi wakhe emsebenzini.
Ijaji lisiphebezile lesi sicelo kanti ibhange lizishaye indiva izinsolo zikaRamnath.
Sibe sesibuza abafundi ukuthi gabe ngubani okumele asolwe uma izinto zinje, ngokwabo ukubona uRamnath bekumele alusingathe kanjani lolu daba.
Babeke kanje:
Hlengiwe Prudence - Umuntu
kumele alungise ekhaya ngaphambi kokuphumela ngaphandle ngakho-ke uMnuz Ramnath akasole unkosikazi wakhe ngokujola hhayi ibhange.
Siyabonga Masiya - URamnath
bekumele ahlukane nalo nkosikazi ngoba ukhombisa ukungathembeki, abayeke
baqhubeke bobabili ngoba bamenza isilima yena akathathe okwakhe aqhubeke
nempilo yakhe.
Sphiwe Sihle Mqadi - Ayikhohlwe
indoda ngoba umfazi angajola noma ngabe ikuphi, mhlawumbe kade bejola uma besekhefini emsebenzini noma sebephumile hhayi ngesikhathi somsebenzi. Ibhange alingeni la.
Ncebakazi Nondayi - Kuyadabukisa okwale ndoda, kuzoshintsha yini ukuthi umfazi uyaqoma uma selimnxephezelile ibhange?
Mbukiso Skhumbuzo Malevu - Yena
siyazwelana naye kodwa sengathi ungusomathuba kakhulu, umsebenzi wale ndoda ethandana nomkayo awuhlangene nokujolelwa kwakhe yena
akalungise isimo noma ahlukane nomkamuntu kube kuphela ngoba akaseyena
owakhe umuhlubukile.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
Disclaimer: INews24 iqhakambisa ukukhuluma
ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi
imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.
- News24