Indlala ibanga ulaka - Umbono
2012-10-12 15:52
Cape Town - Ibhungu laseMexico elineminyaka engu-22 ubudala litshele amaphoyisa lathi lilekelelwe yintombi yalo ukubulala indoda ediliva iPizza.
Lona bambulale ngoba efike sekwedlule isikhathi ekade bemlindele ngaso.
Sibuze abafundi ukuthi kungakanani ukwaneliseka kwabo ngesikhathi abasilindayo uma bethenga ukudla noma becele ukudilivelwa?
UMpumeh Mamzela Mnyamane uthe: Ababulali bayagula, yebo indlala ibanga ulaka kodwa hhayi ukubulala.
Mina angizwani nokulinda, ngiyashesha ukucasuka kodwa ukugwema lokho angingeni uma kugcwele ngixolela ukuhamaba.
UPhilan Maphumulo uthe: Cha abaphilele kahle ababulali, kuyabekezelwa emhlabeni.
Abantu abangafuni ukulinda kumele bafunde ukuziphekela bona.
URadebe Ntobenah Hlub'elihle uthe: Noma ngabe bese belambe kakhulu kodwa bekumele bangabulali umuntu, akukuhle konna ukulinda, nokubulala nakho akukuhle, kumele baboshwe.
UMusawenkosi Sqam Cele uthe: Uma sengilinde kwadlula imizuzu engu-30 kusuke sekwanele kimi.
UCecillia Percock-Shikwambana uthe: Yona indlala ibanga ulaka kodwa akuyikho ukubulala.
URhee Mathobela Reloaded uthe: Kunzima ukubekezela uma ulambe ngempela.
Disclaimer:
INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono
eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe
kuNews24, akuyona imibono yeNews24.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- News24