Impumelelo kwingqungquthela yesekethe laseMvoti

2015-08-20 10:01

Isifunda saseGreytown elokishini laseNhlalakahle seBandla lamaLuthela, namaphethelo, besibusisekile ngokubamba ingqungquthela yamadoda omkhuleko.

Engene mhlaka 2 July kuya 3 August 2015, lengqungquthela ibihanjelwe amalungu avela ezifundeni ezilishumi ezakha iSekethe laseMvoti, eliholwa nguMongameli uMfu. S. M. Dumakude. Ukukuzwisa kwawomqobi nje:-

· NgolwesiHlanu – zonke izinceku zathola izipho kwabasekhaya, uMongameli wahlatshiswa isiklabhu (uphawu lokupha olwalushunyayelwa nguKristu).

· NgoMgqibelo yilapho lengqungquthela yabe isikhombisa injula noju lolwakuhlanganelwe ngamadoda, ukubala okumbalwa nje, ISIFUNDO SEBHAYIBHELI- ngoMfu. N. S. Mthethwa esasifundisa ngokuba kukaJesu “isinkwa namanzi okuphila”osidlayo akasayikulamba, owaphuzayo akasayikoma (operation phuza emthonjeni ndoda).

OLUNYE UDABA: Kushone abahlanu imoto yasala iyizingcucu

INKULUMO YOSUKU – ngoMongameli N. M. Myaka ekhuluma ngenzondo ebhekiswe kwabokufika.

Inhlangano yamadoda omkhuleko inomthwalo wokubathanda, ibanakekele, ibavikele njengoba kwakwenza uKristu eBandleni.

IZIKHALI ZOKULWA NOsathane – ngoMongameli S. M. Dumakude, impi kasathane iphakiwe ibhekiswe emakholweni, kodwa ke kunezikhali zokuyinqoba, ukubala ezimbalwa, “izwi leNkosi, umkhuleko, ukubiza uJesu Kristu ukuba azokulwele nosathane”.

Kwaba khona neminye imisebenzi eyalandela izinkulumo ezinohlonzo.

NgeSonto kwamenyezelwa ukuthi iRally yamadoda eSekethe iya eNtunjambili, ingqungquthela ka 2016 iya eHlanzeni

     - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

        - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News24

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Sunny. Mild. Pta: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 9-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-26°C Sunny. Mild. PE: 14-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...