Imibono yakho ngosuku lwezithandani
2013-02-13 16:28
Cape Town - “Ngoba uthi i-valentine uthi angeke uyigubhe mhlaka-14 Febhuwari, ngicela ungithengele isipho zonke izinsuku, ungikhombise uthando lwakho lolu othi ulugubha zonke izinsuku nami,” kusho intombi esokeni.
Abantu banemibono eyahlukene ngokugujwa kosuku lwezithandani, nayi eminye imibono yabo:
UZandee Mabaso uthe: Kubalulekile ukuba sothandweni nomuntu okuthandayo ngalolu suku.
Inkinga abantu besilisa kanye nabesifazane sebakhohlakala, yingakhoke bethi abasiboni isidingo sokuthi lugujwe kodwa laba abasenothando, lubalulekile kubo.
USupaman Dube uthi: Mina ngithi makube usuku lokuhlanganisa labo abahlukene(divorced), noma kuhlanganiswe laba abaxabanayo, mhlampe ngaleyo ndlela singabona ukusebenza kwalolu suku.
UNhlanhla Pretty uthe: Iqiniso wukuthi abaningi bagubha lolu suku nomakhwapheni babo.
UMichael Zondo uthe: Angiyingeni indaba yosuku lwezityandani, mina isithandwa sami ngisipha isipho noma kunini angilindi umhlaka-14 Febhuwari.
UNkanyiso Shandu uthe: Indaba ye-valentine iyangicasula ifana nendaba kaKhisimusi, kumosha imali.
US'boniso S'gah uth: Mina ngiyafisa ukulugubha kodwa owami akayingeni leyo.
UNozipho Ngonyama uthe: Ngicabanga ukuthi lolu wusuku lokuvuselela uthando kubantu abathandanayo.
Uma umuntu engasiboni isidingo sokulugubha, nalapho ayikho futhi inkinga.
UFuthirh Ngobese uthe: Anginandaba nencane nalolusuku ngoba akaze ngenzelwe lutho selokhu ngaqala ukuqoma.
Disclaimer:
INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono
eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe
kuNews24, akuyona imibono yeNews24.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- News24