Imibono ngobencintsha umyeni wakhe ucansi

2013-02-06 16:23

Cape Town - Owesifazane obencisha umyeni wakhe ucansi kwaze kwaphela iminyaka eyisikhombisa, uthi ufuna umyeni wakhe amkhokhele isamba esingu-R1.3 million kulandela ukuthi ethathe unkosikazi wesibili.

USheikh Ebrahim Moosa, uthi inkolo yakhe iyamvumela ukuthi angathatha isithembu, ngale kwalokho uthi ubencishwa.

Bathini abafundi ngalokhu?

UKhulumani Geo Mavuso uthe: Lo mama kusho ukuthi washada ngezizathu ezingaqondile,uma kuwukuthi wayezimisele ngomendo wayengeke angalali nomyeni wakhe.

Kanti ke futhi namazwi aseBhayibhelini athi abashadile abanamandla phezu kwemizimba yabo, akusesiyo eyabo bodwa.

Konke lokho wayefanele ukuthi akwazi ukuthi umuntu wesilisa uyaphiwa ukudla adle asuthe.

UNolubabalo Jojo Pikelela uthe: Akamthandi neze umyeni wakhe, ufuna imali qha.

USteve Zakhele Mthethwa uthe: Kanti yini umsebenzi womshado?

Mina kuyimi bengizomyeka zibekwa nje ebese ngizithathela omunye, okwakobani ukulamba ukudla kukhona endlini?


UMhlengi Khuzwayo uthe: Indlala ibanga ulaka, uma umfazi ekuncisha ucansi usuke ezijolela ngaphandle, kumele uma uyindoda uvule amehlo umtshele ukuthi iyakunyanyisa lento ayenzayo uma engashintshi komele ashaye isishwapha sakhe ahambe, baningi abafazi abafuna amadoda la ngaphandle.

UJeffro Xovizwe uthe: Lona wesifazane wayevele eshadele imali, ubamba indoda inkunzi.

UThobile D Shabangu uthe: Akumele nangephutha umfazi ayincishe indoda yakhe, kanjalo nendoda akumele imncishe umfazi wayo.

Bekumele indoda ithathe umfazi wesibili ngoba isihlulekile kumfazi oyincishayo.

Emshadweni akumele sidonsisane, ikakhulukazi ngokocansi ngoba uma sidonsisana ngokocansi nakanjani kungena owesithathu.

Nikanani ningagodlelani ucansi nakho konke ningagodlelani,  ucansi yilo oluqinisa imizi eminingi.




Disclaimer: INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Hhayi suka!!!

2014-10-22 13:30
Phawula kulolu daba
5 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-22°C Sunny. Mild. Pta: 15-29°C Rain showers. High level clouds. Warm.
Jhb: 12-25°C Numerous showers. High level clouds. Warm. Bloem: 11-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-25°C Mostly sunny. Mild. PE: 16-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...