Imibono kwethulwa i-Agang

2013-02-19 16:08

Cape Town - Umbhali, isishoshovu nophinde abe ngusomabhizinisi uMamphela Ramphele wethule iqembu lakhe i-Agang South Africa, nebilindelwe ngabomvu.

Enkulumweni yakhe uthi iqembu lizokwenza uguquko kuleli laseNingizimu Afrika.

Bayaphawula ngokusungulwa kwaleli qembu:

UThulani Manana
uthe: Sesikhathele ubugebengu, namuhla abaholi bakaKhongolose sesibabona ngezisu ezinkulu ezigcwele amanga negazi labaveza amaqiniso.

I-ANC iwubekile umgomo kodwa iwuphula ngaphanangapha, ngilifisela okuhle kodwa leli qembu.

U-Ayanda Tukulo uthe: Sikhathele ukuvota, alukho ushintsho oluba khona, naye lo mama akanamandla okwenza uguquko.

UThulas Masimul uthe: Anginaso isikhathi sokudlala, ngadela iNadeco, phinde phinde ngidume nalamaqembu abuye awe.

UBongumusa Ngwane uthe: Angimuboni ezokwazi ukumelana ne-ANC, ngizibonela omunye nje usomathuba ozozama inhlanhla.

Bazomujoyina abagaqele izikhundla.


UNombulelo Judy Mtshali uthe: Angeke ngilivotele leli qembu.

Nalo lizofana nawo wonke amaqembu angamahlubuka, umsunguli walo uzifunela udumo lwesikhashana.

Mina ngimi kwelokuthi uma ukwazi ukubaleka eqenjini okulo ngoba kube khona ukungaboni ngasolinye, uyokwazi kanjani ukuphatha abantu?

Ngikhathele mina yilamaqembu afufusayo.

UMgazilo Cyah Sishi
uthe: Siyambonga kakhulu uRamphele, sekuyisikhathi sokuba imbokodo ibonakale ukuthi inamandla angakanani.

kufanele siyiseke imbokodo ngoba inemibono ehlakaniphile.



 

Disclaimer: INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
2 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-26°C Sunny. Warm. Pta: 17-26°C Heavy rain early. Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 12-20°C Numerous showers. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 14-27°C Showers late. More clouds than sun. Pleasantly warm.
Dbn: 17-18°C Rain showers. More clouds than sun. Cool. PE: 15-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...