Ikhona yona indaba yamadimoni - Umbono

2012-11-07 16:12

Cape Town - UBoniswa Zazaza, 19, obhekene necala lokuklinya abulale umshana wesoka lakhe, usetshele ummeli wathi uhlushwa ngamadimoni, akaphilile kahle futhi uzoliphika leli cala.

UZazaza wabonakala elahla esikhotheni, isidumbu sengane eneminyaka emibili ukudala.

Sibuze abafundi ukuthi kumele inkantolo imise kanjani uma ithetha amacala athi awafane nelikaZazaza noSbusiso Gcabashe, abathi benza amacala ngoba bephoqwa yizilwane abazibona bona bodwa?

Abanye baphendule kanje:

UXolani Myeni uthi:  Akekho umuntu ophila kahle ekhanda othanda ukwenza into embi....imimoya yinto ekhona ngmpela.
Kunzima ukukhipha isinqumo esingujuqu odabeni olufana nalolu , umanqoba ukuthi ukhulukele ucele nje uNkulunkulu akucacisele, nokho-ke umvuzo wesono ngukufa.


UNjabuliso Mnyandu uthe: Ukubagweba intambo ngeke kuyisindise imiphefumulo yabo ngoba uma befa bazoya ekubhujisweni, singabahluleli ngoba lento ingehlela ngisho umuntu oseduze nawe futhi omthandayo.

Lempi akuyona eyokuliwa ngezijeziso kodwa ngomkhuleko onamandla ngoba uma sibabulala siyamjabulisa uSathane kodwa uma sikhipha lemimoya ebangenile uJehova uyothokoza ngathi asithethelele nathi awethu amacala.

USandile Vincent Tshwala
uthe: Phela uma kuwukuthi bonke bazogila imikhuba engathi shu bese bephika ngamadimoni, angeke neze kwalunga.

Kuzomele ukuthi bajeziswe ngokuphinda phindiwe ngoba nabanye sabantu bazokwenza izinto baphike ngokuthi bahlushwa ngamadimoni

UNkululeko Njapha uthe: Makuvulwe izikhungo zabelaphi bendabuko zibe ngaphansi kukahulumeni, abasolwa kumele baqale bayiswe kuzo bahlolwe kuqala bese bebhekana namacala abawenzile.

UMfundiso Adolph TheProsperous Sithole uthe: Abelungu bahlezi bephunyuka ejele ngalesi zathu...njengalaba ababulala abazali babo

Akungakhethwa iphela emasini, mabadedelwwe uma kuwukuthi kuhona okubaphoqayo ukuthi benze amacala ababoshelwe wona.

UNo Sibisi uthe: Limbi impela leli dimoni elithi umuntu omdala akabulale ingane engakwazi ukuzivikela,  lo muntu wonile nje kwaphela, kumele aboshwe agwetshwe.




Disclaimer: INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).





- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-18°C Sunny. Mild. Pta: 6-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-18°C Sunny. Mild. Bloem: 4-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 13-26°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...