Ibuhlungu eyasezimayini - Umbono

2013-01-15 16:20

Cape Town - Inkampani enkulukazi ekhiqiza i-platinum i-Anglo Platinum, ithi kungase kulahleke imisebenzi elinganiselwa ku-14 000 uma ivala amakheshi amane okusebenzela (shaft).

INkampani ikhala ngokwehla komsebenzi nokungabi khona kwenzuzo.


Inyunyana i-Association of Mineworkers and Construction Union ithi yonke into izokuma nse, uma kwenzeka inkampani igcina ithatha lesi sinqumo sokuvala iKhuseleka 1&2 neKhomanani 1&2.

Abafundi beZindaba News24, baphawula ngenhlekelele engase yehlakalele abasebenzi.

USandile Ndadane uthe: Leli yitulo lokuxosha abasebenzi ababetelekile.

USiphamandla Manzini uthe: Inkinga engiyibonayo lapha eNingizimu Afrika imibono nezinga lokucabanga kwabantu abasemazingeni aphansi, kubukeleka phansi.

Ukube iziphathimandla zezinkampani ziyahlangana nabasebenzi kuwona wonke amazinga aphanzi ngabe iziteleka azikho
.

USiya Febzin Mthembu uthe: Lesi yisikhathi sokuthi umqashi aziphindiselele kulaba ababeteleka onyakeni odlule, nokwenza izinkampani zalahlekelwe yinzuzo eningi.

UThabani Gwaja
uthe:  Indlu emnyama kanti iyoyithola nini inkululeko?

Kumele silwe ngoba nentando yeningi bayilwela obabamkhulu kodwa namanje asikayitholi, kanjalo neziteleka azikezukuphela ngoba uma kuxoxwa akuvunyelwana. Kuze kuliwe, kuma kuphuma isixazululo, nokho ngalokho angigqugquzeli udlame.

UMaria Khosi Sithole uthe: Abelungu abaziboni belingana nomuntu omnyama, lokhu abakwenzayo bakwenza ngamabomu.

Abasebenzi abateleke, siphelile isikhathi sokudlala angeke abalungu bayivale inkampani abadla ngayo.

UDerick Vumelani Mngomezulu uthe: Ngokubona kwami bazodilizwa abasebenzi futhi ayikho into engenziwa uma imayini ithi ayisayenzi inzuzo.

Okubuhlungu yikho ukuthi  kweminye imizi kuzolanjwa.


UNdumiso Mbeje
uthe:  Kwanzima  - Ngokwebhizinisi iziteleka zilahlekisela izinkampani ngenzuzo kodwa abaphathi bezinkampani yibo abaphoqa abasebenzi ukuthi bateleke.




Disclaimer: INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).




- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-18°C Sunny. Mild. Pta: 6-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-18°C Sunny. Mild. Bloem: 4-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 13-25°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-25°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...