Ibaphithanisile ekaLady Gaga - Umbono

2012-11-28 16:20

Cape Town - Umculi uLady Gaga ophinde azibize ngoMother Monster ushiye abalandeli bakhe besho ukunyathelana esikhumulweni sezindiza iLanseria Airport, eGoli.

UMother Monster uzothokozisa abalandeli bakhe eFNB Stadium, eSoweto, ngoLwesihlanu bese edlulela eKapa, ayothokozisa abanye eCape Town Stadium, mhlaka- 3 December.

Abafundi beZindaba News24, baphendule kanje bezwa ezokkutheleka kwakhe kuleli.

UNomatter Noms uthe: Nakanjani kuzolimala abantu emdlalweni webhola ozoba ngomhaka- 8 Disemba, kukhona itno azofike ayishiye.

Mina ngizalwa eZimbabwe, uhulumen waseNingizimu Afrika uyehluleka, angimiseki uMengameli uRobert Mugabe kodwa ngiyamthanda ngoba izinto ezifana nalezi zo Lady Gaga akahambisani nakancane nazo, ushayaphansi ngonyawo.


UNtombenhle Joyce Sibulawa uthe: Laba abathi bayamthanda kusho ukuthi beseka umoy aomumbi, kwabona baseMbusweni wobumnyama.

Uyadela owazi ukuthi ulethe muphi umoya kuleli, sengibonga ukuthi akezi KwaZullu-Natal.

UCelumusa Owen Gebisto Zulu uthe: Aninalungelo lokwahlulela umuntu, nani nisamelwe ukwahlulelwa.

Uma UGaga nibona ukuthi uLady Gaga unamadimoni, kungani ningamkhulekeli?

Uma ukhuleka wethemba kuNkulunkulu , ungath ufika kuleyo khonsathi avele aziphumele ahambe amadimoni.

UKwanda Mbuso
uthe: Singehluleli abantu asisiyena uNkulunkulu.

UMndeni Khubone uthe:  Angicabangi ukuya lapho! UnguSathane onamabibane, uze lana ephezu kwezinhloso zakhe.

UDe Liscious Shabalala
uthe: EMangaung kuvele kuliwa kuyimanje ucabanga kuzoba njani?

Inkundla lena kubuye kudlale kuyo iKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates, uthi khona kuzoba njani?

Ukungaziphathi kahle kwabantu, ukumitha kwezingane, ucansi osekungathi kuyabukiswa ngalo, naku-facebook nakhona abantu abasagqoki.

Uyothi ngasho, konke lokhu kuzodlulela njengoba kuza uLady Gaga!

UMatha MaMntungwa OkaNyawose
uthe: Ngagama namandla  asegazini likaJesu Kristu, ngikhulekela ukutjhi abantu bangadukiswa.
Ezinye izimo empilweni zifuna ube umuntu olaziyo izwi likaNkulunkulu.




Disclaimer: INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).





- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-19°C Sunny. Mild. Pta: 8-19°C Sunny. Mild.
Jhb: 5-14°C Sunny. Cool. Bloem: 2-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 12-22°C Showers early. Morning clouds. Cool. PE: 9-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...