Iba wo Mawengane awushadiwe!

2013-02-18 14:00
Ntombizenele Mtshali

Ntombizenele Mtshali

Cape Town - Ngiyakwazi ukubekezelela umfana odla umdumakhanda uma enza izinto eziphambene, ngiyaye ngizitshele ukuthi ubambekile.

Alukho nokho uhlobo lomuntu olungicasula njengalolu ekuthiwa uMawengane.

Zimbili zintathu izinto ezingidina njengalolu hlobo lo muntu.

UMawengane unokumane azenze usgansonso wesishayamthetho empilweni yomfana, umthole emshayela umthetho aze afune ukuwushaya nakubantu abasondelene nobaba wengane.

Sikhathele ukudlala izintombi zabafana ezithola abantwana bese umuntu ezithwesa isicoco sokuba ngunkosikazi.

"Lalela la wena s...ngicela uhlukane nobaba wengane yami angazi noma kuphele amadoda yini," uzwa umuntu ekhuluma ocingweni ethuka intombi yomfana engakamzaleli noma ethuka umuntu wesifazane abone igama lakhe efonini yesoka.

Uthola umuntu esekuqhulula ngenhlamba abize uThemba ngo Themba wakhe, akhohlwe wukuthi nawe njengaye usheliwe waqoma futhi awushodi ngezitho zomzimba ezingakwenza nawe ube uMawengane.

Ladies, ukuthi usumzalele akusho ukuthi usumvale ekubeni yindoda.

Usazoqhubeka nje ubaba nemikhuba yabafana ahambe encoma, epansa futhi eshela.

Nawe qhubeka nje nesikhundla sakho sokuba yintombi emzalele ingane....awushadiwe futhi mancane amathuba okuthi uthathwe uma uqhuba ngale ndlela.

Angeke kukusize ukuhamba uthuka amantombazane, kuphela nje ubanga isidina endodeni futhi ubukisa ngayo ezintombini nakwabanye olova.

Uma ufonela izintombi zendoda noma amantombazane asefonini yayo, usitshela ukuthi wena uyisqhwaga esigibela ekhanda le ndoda yakho noma yenu (wena nalaba abanye abamqomile).

Ngempela usuke wenzani? usuke mhlampe uzama ukusitshela ukuthi indoda yakho iyisyoyo esikusabayo futhi esizwa wena?

Uma uthanda indoda yakho uyayihlonipha, awukopoloti izindaba zayo uhambe uthukana nabantu.

Noma ubani angaba uMawengane.

Uma wena ubona ukuba uMawengane kukunika igunya lokuthi ukhwele ekhanda le ndoda yakho nasemakhanda ethu, lokho kusho ukuthi uma indoda yakho isinezingane ezintathu, kwamukele ukuba sesithenjini ngoba phela nonke seniyam-owna.

Ngiyawazwela amadoda amithisa izidlamlilo zamantombazane, ngikutshela ngentombazane ekubeka ubumber to...
 
We bo bhuti, unede ungamithisa lolo hlobo lwentombazane uphenduke indodana endala yayo. Umuntu abe yipheshi angafuni nokuthi amantombazane aphawule kuFacebook wakho.

Aybo hey, savelelwa.

Inhliziyo yami iyawazwela amadoda ngoba ogalakajana laba bayazifihla ubunjalo kuze kuba bayaziganisa ngokuba woMawengane.

Kokunye shame indoda imithisa isavaleke amehlo uthando lusa lusha kanti bandla isizithwesa umqhele wameva.

Mantombazane iyekeni le ngqondo yokulandela amadoda nifuna ukubona ukuthi akuphi nobani enzani.

Ongakwazi angeke kukuphathe kambi.

Owami umama wangifundisa ukuthi ungabosizingela isilwane ongeke ukwazi ukusibulala.

Ufunelani izinto ezizokuphatha kambi zikuvusele i-BP?

Yazi indawo yakho muntu wesifazane, kokusiza lokho, uyeke ukuzibukanisa nathi.

Angisho lokhu ngoba mhlampe sengiqome uBabawengane so ngizama ukuzivikela, ngisho ngoba sengihambile ngabona.

Anehlise ma-e, sesibongile yizinhlamba zenu futhi aniwona amakhosikazi obaba bezingane zenu.

Anginankinga nonkosikazi olwela umuzi wakhe kodwa cha iyangibasela eka Mawengane onomlomo. Ungayizingeli ezokwehlula!


 

Disclaimer: INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


Singaxhumana ku-zanelewakwamtshali@gmail.com



- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
5 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-24°C Sunny. Mild. Pta: 15-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-24°C Sunny. Mild. Bloem: 14-27°C Showers early. More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-26°C Showers late. Mostly cloudy. Mild. PE: 16-19°C a few showers. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...