INKONDLO: Yeka Ukungazi

2014-10-17 16:02

Yeka Ukungazi

Yeka ukungazi dadewethu.
Ukuba impumputhe enqondweni
Bekukhohlisa ngosofa s'lahlane.

Yeka ukungazi mfowethu.
Ukuba isigqila sothand' ongasoze walotha,
Bheka namhlanje usuyinhlekisa, kodwa thula umdal' uzokuphendulala.

Yeka ukungazi mama.
Ukunikela ngenhliziyo yakho yonke,
Umthande kodwa mawujika akuhleke usulu,
Phela yena ebezidlalela, kuye bekuwuthando lwesikhashana.

Yeka ukungazi ngane yakwethu.
Ukukholwa yikho konke akushoyo,
Phela ebesefana nomaqondana,
Kaze kakade kuye ubunguye umaqondana.

Yeka ukungazi zindlebe.
Wena wamukela konke okomlomo
Ungabheki nezimpica badala,
Kodwa wena kawunacala, ihliziyo ibivutha uthando.
Ow! yeka ukungazi.                                                          




                                                                                               

Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.


 – 
"Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

- News 24

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Sunny. Mild. Pta: 9-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 7-23°C Sunny. Mild. Bloem: 6-25°C High level clouds. Mild.
Dbn: 14-24°C Morning clouds. Mild. PE: 12-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...