INKONDLO: UZulu kaguqanga eSandlwana

2015-03-19 13:31

Cape Town - UZulu yisizwe esidume cishe umhlaba wonke ngokubumbana nangohlonze lwamasiko awo nemvelaphi yawo kodwa konke loko sekwashabalala ngabe yini esizigqaja ngayo ngobuZulu kulesi sikhathi samanje?

Funda nansi inkondlo ngezansi:

Babengaaaaaaaphiii, babengapha singapha!
Ngiliphenye ihawu, ngiwufake umkhonto ngiyihlabe inhliziyo!
UZulu kaguqanga eSandlwana waguqa ngokukholwa yisitha.
Ngibambele ngibenge, akuyona eyokosiwa kepha le sizoyifukuda ivuz’igazi
Igazi elachithek’eNcome!

UZulu kaguqang’eSandlwana
UZulu waguqa ngesandla soMzulu esagwaz’ilembe
Elemb’eleqamany’amalembe ngokukhalipha kalizange libakhaliphele abakwabo
UZulu uzigwaze ngowakhe!


UZulu kaguqang’eSandlwana, impi yezandla way’bambishisa
Ivutha umlilo amabhunu emkhomba ngomakhalakhala
Umbhobho wesbhamu nombay-mbayi wehlulwa yiklwa nesihlangu senkunzi.
Nanamuhla insika yesithunzi soMzulu isasezandleni zethu
Ngob’uZulu kaguqang’eSandlwana, uZulu uguqe ngokholo!

Ziyekele lezondaba Ntshebemnandi zingivus’uhlevane
UZulu kaguqanga ngokholo lokhokho noNomkhubulwane
UZulu ukhubazwe wukholo lwezitha zimbethe ingubo yeZulu
Zambida uZulu zamkhomba phezulu eZulwini
Zabe zibheke phansi zawushaqa umhlaba!

UZulu kaguqang’eSandlwana
Liyini iZulu ukunikela ngezwe umhlaba kaZulu ngoba sithi songen’iZulu?
Liyini iZulu ukuzidela ubuNtu bakho udume nabezizwe?
Liyini iZulu elisekufeni ngiphile emcengezini ezweni lobabamkhulu?
Liyini iZulu kunoZulu nehawu nomkhonto?

UZulu kaguqang’eSandlwana bambide ngencwadi yaqhash’imikhonto
Bambida ngenkolo wathutha kuguqasthandaze wakha kokhonkolo
UZulu kaguqang’esandlwane, bambhule ngamashob’encwadi engcwele
Izakhiwo zesintu zashabalala, phinde aphume kulezakhiwo zikakhonkolo!
Insumansumane engiyibone ngamehlo umlungu ethung’ischolo ezosidayisel’uZulu.

UZulu kaguqang’eSandlwana…bambhide ngentuthuko yobukhazi-khazi
waduka wadub’impepho yona-ntuthu ebimhlanganisa noyisemkhulu
Bambide ngemfundo wadubimfuyo, nkomo zobaba azisayikubuy’emasisweni
Izibaya zamil’imbuya qede zaphenduk’amangcwaba!
Bambide ngohalakasha lenqolo-mafutha qede bagweva nawo amafutha!

UZulu kaguqang’eSandlwana…namhlanje uZulu kanankomo uyithenga esilaheni
Namhlanje uZulu akanambuzi uyithenga eNdiyeni. Namhlanje uZulu usezikweletini
nesitha esigweve nomntotho ngokutheng’umhlabathi uZulu abewukhonzele koNkosi

UZulu kaguqanga eSandlwana, uZulu uzigwaze ngowakhe!

Kusho mina iNtshebemnandi kwabayidlayo, ngiyindlabeyphika inyama yomlenze beyisika beyithuka phansi kwentabenkulu iNgquza!

Disclaimer: INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

- News24

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-22°C High level clouds. Mild. Pta: 14-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-21°C Partly cloudy. Cool. PE: 15-19°C Decreasing cloudiness. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...