Ezasekamelweni ezasekamelweni - Umbono

2012-12-04 16:29
Yabelani Shicilela

Cape Town - Kuduma ikhanda kowesifazane owaliwe yisoka lakhe ngoba elitshele ukuthi uma exoxa nabangani bakhe abashiyi lutho ngaphandle.

Lona wesifazane uthi yena nabangani bakhe batshelana zonke izinto ezenzeka phakathi kwabo nezithandwa zabo, zinjengoba zinjalo.

Abafundi bakuhlaba bayakuhlikiza ukwenza kwalona wesimame, bathi okwenzeka phakathi kwababili abatandanayo kumele kuhlale phakathi kwabo.

UGood Kg Nhleko Entumban
e uthe: Angilokothi ngixoxe, umngani muhle mubi.

Uyomxoxela zonke izinto enizenza nesithandwa sakho bese kuthi ngelinye ilanga niyaxabana bese ekhipha izindaba zakho zangasese.

U-Ayanda Ndzimbovu uthe: Ezasekamelweni ziphelela khona njengoba nezase-lounge ziphelela khona, ekamelweni  kuxoxwe ezasekamelweni.

Noma benixabene kangakanani, uma sekufikwe khona, kudlula ingxabano yasemini.

UVusi Lucracia Masondo uthe: Akamxoshe ngoba uxoxa nezingaxoxwa, uyazi ukuxoxa ngomyeni wakho kwesinye isikhathi kwenza ukuthi bakuthathele.

UMzwakhe Buthelezi uthe: Uma uvala umnyango yingoba kumele konke okwenzeka ngaphakathi kwaziwe yini nobabili kuphela.

UThobile van der Nkosi uthe: Angixoxi neze ngoba angazi kuzozwa iziphi izindlebe.

UBuyie Mngomezulu
uthe: Imihlola! Kuyaxoxwa ukuxoxa kodwa awube usugeqa amagula.
 

UKabathandi Sophie uthe: Umngani akusiyo into ebalulekile ukuthi angazi izindaba zami nomuntu wami.


Ngabe wena uxoxa udwebe umugqa uma ukhuluma ngesithandwa sakho kubangani?

Sazise ku-isizulu@news24.com

Disclaimer: INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

"Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).








- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Senza nje thina ngePhasika!

2014-04-18 14:05
Phawula kulolu daba
6 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-24°C High level clouds. Mild. Pta: 11-25°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 9-21°C Sunny. Mild. Bloem: 8-25°C Mostly sunny. Mild.
Dbn: 17-28°C Afternoon clouds. Warm. PE: 16-23°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...