Dear Mhleli: Khuzani boh!

2015-03-24 14:33

Dear Mhleli,

Okay, kulungile ke usekubhalile kufacebook umuntu othandana naye washintsha izithombe zakho naphawulelana, nibizana ngobabe, love nalo lonke uhlobo lwamagama eniteketisana ngawo. 

Impela sekuyaziwa ukuthi nina nobabili niyathandana noma nibizana ngongqo (straight) kodwa-ke dadewethu awuke uzibuze ukuthi ubatshela nini ekhaya konke lokhu asekutshele izwe lonke ngawe? 

Bekungaba njani ukube uqale wayokhokha kini ngaphambi kokuba afune ukubukwa ngawe?

Yazi ezitolo ayivamisile ukuthengwa impahla ebekwe ewindini kodwa isikhathi esiningi uma sekuthengwa kulandwa entsha egumbini lokugcina impahla, le emabhokisini. 

Ukuthi ukubhalile kuFacebook lokho akuqinisekisi uthando lwenu futhi akuwuqedi u-ink wokubhala nangaloyo ozolandela wena. 

Uboke ubuke izinto ngelinye iso ucabangisise ngezinto azenzayo ezinkundleni zokuxhumana uyeke ukujatshuliswa wukuthi ukubhalile kwi-profile yakhe ngaphansi kuka-relationship.

Mantombazane musani ukuvumela ukukhohliswa kalula ngalolu hlobo, musani ukuvumela kudlalwe ngani ngalolu hlobo.

Ziningi kabi izinto ezingakujabulisa ngaphandle kwale mbhudane yakuFacebook, khula 'Gal'.

Obhalile,

Thandazile Mngomezulu eNgwavuma

Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

 

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News 24

Phawula kulolu daba
3 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Sunny. Mild. Pta: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 9-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-26°C Sunny. Mild. PE: 14-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...