Bhalisani abantwana kusanesikhathi - Umbono

2013-01-10 15:01

Cape Town - Sezivuliwe izikole ezifundazweni ezihlanganisa iFree State, Gauteng, Limpopo, Mpumalanga, North West kanti ezinye izifundazwe ezihlanganisa i-Eastern Cape, KwaZulu-Natal, Northern Cape, Western Cape, khona zizovula ngesonto elizayo.

Abazali bakhipha iziyalo ngalokho okungasiza abanye abazali njengoba kuvamise isiphithiphithi uma kuqala unyaka, kuvulwa izikole.

UXolani Mazibuko
uthe: Eyami indodakazi ngayithengela ngonyaka odlule imali ikhona, kwangisiza kakhulu lokho ngoba manje sengilinde usuku lokuthi kuvulwe izikole.

USandile Vundlastyle Mavundla uthe: Abami abantwana sebevulile esikoleni, ngihlala e-Alexandra.

Nanka amasu engingacebisa ngawo abanye abazali:

Ngidlala izitokufela zezitembu zakwaShoprite, esibeka kuso imali ngokuhlanganyela kanye nemali yokudla. Lezi zitembu ngizisebenzisa ngoJanuwari, ngithenga ngazo izincwadi ezidingakala esikoleni.

Lokhu ngikwenza ngo-Okthoba, angilindi kuze kuqale uJanuwari, izinto zesikole ngizithenga kanye nomswenko kaKhisimusi.

UMfundo Dlamini Sibah uthe: Ngimi ngomumo ukuthi ngihambise umntwana wami esikoleni, umfaniswano ngawuthenga ngoDisemba, ngoJanuwari ngithenga izingubo zokuswenka ngoba kusuke kunendali.

Kumele abantu bafunde ukuthenga izitembu zakwaShoprite, bazisebeznise ngoJanuwari, bathenge ngazo izincwadi nezinye izidingo zomntwana kanjalo nokudla.

UPhumla Mlipa uthe: Mina sengikulungele ukuhambisa umntwana wami esikoleni uma kuvulwa izikole. Umfaniswano ngawuthenga ngonyaka owedlule, kumanje usejahe kabi ukuwugqoka.

Abanye abazali ngingabacebisa ngokuthi kumele bathenge umfaniswano kusanesikhathi futhi bababhalise abantwana zingakavali izikole, bagweme isiphithiphithi.


UTeddy Phumzile uthe: Abazali ababhalise izingane zabo kusanesikhathi, NgoMsopmbuluko bazoqala ukutheleka ezikoleni,noma sekufundwa futhi.

Izingane ziyasala uma zingekho emakilasini ngesikhathi sokufunda, uthisha angeke abuyele emuva ayfoundisa umntwana wakho.



Disclaimer: INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).



 

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-24°C Sunny. Mild. Pta: 15-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-24°C Sunny. Mild. Bloem: 14-27°C Showers early. More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-26°C Showers late. Mostly cloudy. Mild. PE: 16-19°C a few showers. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...