Bayanconcoza ngoPitso - Umbono

2012-06-05 15:51
Yabelani Shicilela

Cape Town - UPitso Mosimane usephelelwe ngumsebenzi wakhe njengomqeqeshi weqembu lesizwe, emuva kokuxoshwa kudingeke ashiye abadlali ehotela abalaliswe kulo ePhokeng.

Abadlali babeka izimvo zabo ngesinqumo seSafa.

USboniso Mqadi uthe: Iqiniso wukuthi izinkinga zaqala ngesikhathi umengameli weSafa ehluleka ukwenza umsebenzi ngokufanele ngesikhathi sihluleka ukungenela emidlalweni ye-Afcon nokwavela kwacaca ukuthi umengameli akawenzanga ngendlela efanele umsebenzi wokwazisa isizwe ngomthetho owawuzosebenza nowenza sangakwazi ukungena emidlalweni.

Ngibona kungakuhle kuxoshwe uNematandani ukuze kulunge yonke into, awukwazi ukuthi ungamane uzoba ngumengameli weSafa ungakaze ube yisekela likamengameli.

Kumele abaphathi basusewonke umuntu onengqondo embi, baqale ngoNematandani ngoba sebemxoshile uPitso, kodwa umuntu osibulalayo yileya ndoda engumengameli weSafa.


UKwanele Mbatha
uthe: Izikhulu zeSafa kumele zinukane zona amakhwapha kuyoba nini kuxoshwa abaqeqeshi, nabadlali nabo kumele babhekwe ngelinye iso ngathi nabo abadlali ngokuzimisela.

UDhlongolo Philani uthe: Impela akahambe uPitso umsebenzi uyamhlula, uma ebona aBafana bengawashayi amagoli akashintshi ngani umdlalo?

UPortia Williams
uthe: Iqembu lakithi yilo elinenkinga, kubukeka sengathi siyohlale sipheka sithulula kubaqeqeshi.

Akusiye umqeqeshi odlalayo enkundleni , ngabadlali abavela kumaqembu ahamba phambili akuleli, alivele livalwe iqembu lesizwe kuze kucace ukuthi asinalo ngoba iyadina lento.


USibusiso Magolwane uthe: Sihle lesi sinqumo, lo mqeqeshi uzithwele kakhulu.

ISafa nayo inepolitiki esazosihlupha okuyiyo ecindezela abaqeqeshi, umqeqeshi akabe namagunya afanele angezwa ngabathile ngokufanele akwenze.

UBenni ngabe uyadlala kwiBafana kodwa ngenxa yenkinga abanayo ngaye akadlaliswa, uJomo wake wakudalula lokhu eyeka kwiBafana Bafana eminyakeni edlule.


UMbuso Wiseman uthe: Sibonge kakhulu akahambe manje.

UGoodman Mkhize uthe: Yizindaba ezimnandi kakhulu lezi zokuxoshwa kukaPitso.

UNtokozo Zulu uthe: Siyabonga kakhulu Safa, hamba kahle Pitso.

Thumela umbono wakho ku-isizulu@news24.com

 Disclaimer: INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).




- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Senza nje thina ngePhasika!

2014-04-18 14:05
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-25°C High level clouds. Mild. Pta: 9-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 9-21°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 11-25°C Mostly sunny. Mild.
Dbn: 19-26°C Early fog followed by sunny skies. Mild. PE: 15-23°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...