Baphikisana ngokuxoshwa kukaLekota - Umbono

2012-06-15 08:40

Cape Town - Umholi weCongress of the People uMosiuoa Lekota uthi angase athathe izinyathelo zomthetho kulandela ukuthi axoshwe ePhalamende.

ULekota uxoshwe ngoba enqabe ukuhoxisa ukugxeka kwakhe uMengameli uJacob Zuma athe waphula izifungo zakhe ngokwehluleka ukuvikela iciko uBrett Murray owabe ezwakalisa ilungelo lokukhuluma ngokukhululeka.

Abafundi bayaphawula.

UKwanele Mbatha uthe: Vele abantu abamthandi umuntu uma ekhuluma amaqiniso njengoba nakuLekota seku njalo.

USibonele Kabeya uthe: Ngiyacabanga ukuthi uLekota ube nombono.

USpha Swazy Gule uthe: ULekota uhlale elindele ukuzuza amaphoyinti ngabanye abantu.

UMbongeni Thusi uthe: Empeleni lo mnumzane uyibhimbi,uyathanda ukuhola kodwa ukuhola akukho kuye.

USimanga Zwane uthe: ULekota ubekhuluma iqiniso, abanye abasoze vke bakubona okungalungile okwenziwa yi-ANC.

UZukile Mahlubi Langen
i uthe: ULekota ubenephuzu, abantu bayathanda ukuzwela kakhulu ngale ndab kaZuma, ukhulume iqiniso uLekota.

Kumele vele amgxeke umengameli uma kunesidingo.

USakhile Mathenjwa uthe: Ubaba uLekota ubulawa umona, uma ethi waboshwa okusho ukuthi kumele abamhlophe beqhubeke nokusibukela phansi?

Ngingasho nje uLekota ucabanga ukuthi ugcono kunabanye abantu.

UZak Biyela uthe: Ubaba uLekota ubulawa umona, uma ethi waboshwa okusho ukuthi kumele abamhlophe beqhubeke nokusibukela phansi?

Ngingasho nje uLekota ucabanga ukuthi ugcono kunabanye abantu.

UMhleli Sipho Sithole uthe: ULekota uzama ukuqhuba inzondo anayo ngoZuma ngokusebenzisa umthetho wamalungelo omdwebi, ngokwakhe wayefisa uMongameli avikele umthetho we-Freedom of Expression kumdwebi.

Ngenye indlela umengameli athi ayikho inkinga ngokudwetshwa kwakhe avikele ilungelo lalo mdwebi, lo mthetho uLekota uwubheke ngenzondo wafisa usebenzele umdwebi kuphela wakhohlwa ukuthi naye phela uZuma unalo leli lungelo.

Qondani ngamalungelo ezakhamizi zalelizwe niyeke inzondo phansi.

Thumela umbono wakho ku-isizulu@news24.com

Disclaimer: INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

 

"Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).





- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-21°C More sun than clouds. Cool. Pta: 18-28°C Passing showers. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 15-24°C Passing showers. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 20-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-31°C More sun than clouds. Warm. PE: 16-24°C Partly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...