Baphawula ngomuthi ebholeni
2012-04-11 16:37
Cape Town - Inhlangano yebhola iPSL ihlongoza ukuvala ukusetshenziswa komuthi ezinkundleni zemidlalo. Amaqembu asolwa kakhulu ngenkeshe kubalwa iKaizer Chiefs, Orlando Pirates kanye neJomo Cosmos.
Abafendu beZindaba News24 bayaphawula.
UMthokozisi Mahlangu Leshandis-Dj uthe: Kahleni bakwethu, awukho umuthi lana, mayelana ne-Orlando Pirates, ay silandela umgomo. Sifak aamagoli kuphela, yisipiliyoni leso. Viva maSea Robbers.
UNjabulo E Ntuli uthe: Kufanele kuqale kuyekiswe iBafana Bafana bese kuma kuyekiswa amaqembu.
UQalokwakhe S Mota uthe: I-PSL inesikhathi sokudlala, bayeka ukwenza izinto okumele bazenze balibala
ukukhuluma. Bazowubona ngani umuthi uma usetshenziswa?
Kanti abadlali
kakade bawuthwala ekhanda yini uma bewuphethe?
Bake
basho yini ukuthi awusetshenziswe ngoba sebethi awuyekwe nje?
UMxolisi Zungu Gatvol uthe: Kanti umuthi yisidakamizwa yini, sebeyakholelwa yini kuwona?
Uma sebekholelwa kuwona
kungani kungaqalwe kukhokhelwe inyanga imali yayo, inyanga eyavala iBafana Bafana ekuwineni.
ULindah Da Intimidator Sithole uthe: Awusetshenziswe umuthi mina angiyiboni inkinga. Umuthi ungumlando webhola lakuleli.
USifiso Fistos uthe: Awuqedwe ngempela, amaqembu athakatha ingcaca.
ULindelwa Kekana Mashoba uthe: Mina ngibona kungcono baqede kwabhola ngoba akukho nelilodwa iqembu
lebhola elingawusebenzisi umuthi. Ukuvala le nkulumo akuphele nya ngebhola eSA.
UThemba Pholoba Wenkunzi Ngcobo uthe: Kusho ukuthi nabo bayawusebenzisa, bawazelaphi. Bayahlekisa bafuna ukuziqhatha noJomo.
U-Emmanuel Msitheli Phetha uthe: Insumansumane le uma bephalaza bencinda bazofike basho yini ukuthi beseqa intelezi ngoba umuthi awubonakali.
UMakhosazane Xulu uthe: Kwenziwa
njani makuvalwa umuthi ngoba akekho ohamba ememezela ukuthi
uyawusebenzisa. Isigcino kuzothiwa asiyeke ukulandela iqembu ethile ngoba
iyakhendla.
US'miso Mbili uthe: Sekuyomele
iSAFA iqashe izangoma yikhona iyokwazi ukuhlonza amaqembu asebenzisa
inkeshe kodwa engikwazi kahla ukuthi akekho umuntu ophilayo ongenayo
inqaba yakhe.
Uma bebala amaqembu asolekayo babala neJomo kodwa iya
ehlathini minyaka yonke le. Sikuphi pho isidingo sokuyeka lowo muthi?
ULloyd Dashing leko-motion uthe: Bazama ukuvala isiko lethu.
UNelly Nolhie Tshangana-Mashele uthe: Wonke amaqembu asebenzisa imithi pho indaba ikuphi?
Imithi angeke isebenze
iyodwa, ukuba bekunjalo no Julius Malema ubeyoba ngumdlali weBafana Bafana.
Anikahle ngomona mangabe abanye banekhono lokudlala
ibhola ukwedlula abanye.
UMlungisi Cebekhulu uthe: Ayikho lento, uma usebenza umuthi kungani ungayisebenzeli iJomo?
UBuhlebezwe Gumede uthe: Lokhu kungumbedo nje qha, uma umuthi usebenza kungani iChiefs yehlulwa yiNedbank Cup.
U-Innocent Senzo Friday Mgoduka uthe: Lolu daba lunzima. Kungani iNingizimu Afrika ingakaze iwine umdlalo wendebe yomhlaba uma umuthi usebenza?
Awukho umuthi osebenzayo. Phambili Bhakabhaka.
UMhleli Sipho Sithole uthe: Baqinisile
laba abathi ake siwine iWorld Cup phela ze sibone ukuthi umuthi
uyasebenza. Ukuwusebenzisa nokungawusebenzisi kuyazifanela nje. Azilime
ziyetsheni ungavalwa.
U-Emmanuel Amen Gcwensa uthe: Ngoba nakhu usuphuphile owelinye iqembu elikhulu sekugqama owe-Pirates manje sekumele uvalwe?
Awumbiwa ndawonye.
UMlungisi Dlamini uthe: Bangawuvala kodwa siyohlale singama-Afrika. Kade amabhizinisi azama ukusiyekisa okwethu, akushiyane izandla singamAfrika.
Thumela umbono wakho ku-isizulu@news24
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi
lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).
- News 24