Baphawula ngokuziphindiselela kwabafundi kothisha

2015-08-28 16:02

Durban - ICosas ithe izingane zesikole sekumele ziziphindiselele manje uma zishawa ngothisha esikoleni. Sabe sesibuza ukuthi ngabe lona ngumqondo ophusile yini.

Abafundi bethi baziphenduleli kodwa siyazi ukuthi akuyiwa nganxanye kungemanzi.

zifundeli eminye yemibono yabafundi bethi ngezansi:

Nongcebo Ndlovu: Basangene labo phela uthisha akahlukene nokuthi umzali.

Nkazimulo Siphosethu Mavuso: Yicebo elihle kakhulu leli ngoba labothisha bake bashaye izingane ngathi kushawa izinkomo.

Nhlanhlo Sokhela: Kuzoliwake, impela nje yimpi le esuswa iCosas. Shayani lezinto ezidle igudu ezikoleni kudlalwelani ngo thisha ngoba nabo ngabantu.

Bridgeman Mbambo: Phela sekwabakhona iwunga manje ke abantu mabeyidle kahle bangakhuluma noma yini, kanjalo ke laba badle yona akujiki futhi.

Mbusi Dube: Abafundi abaphindisele uma beshawa wothisha. Isixazululo esihle lesi ukuze kuphele ukushaywa kwabafundi ezikoleni.

Jabulani Mthembu: ICosas iyishaye emhloleni, angali ukuthi umtwana bamqondise izigwegwe kodwa hhay kuze kuphume igazi.

Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi ezishicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

- News 24

Phawula kulolu daba
3 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-23°C Morning clouds. Mild. Pta: 21-28°C Showers early. Partly sunny. Warm.
Jhb: 19-26°C Scattered showers. Partly sunny. Warm. Bloem: 18-30°C Showers early. Morning clouds. Warm.
Dbn: 22-25°C a mixture of sun and clouds. Mild. PE: 18-24°C Rain early. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...