Baningi abake bacabange ukuzibulala

2013-02-14 16:07

Cape Town - Ngokwezibalo zenhlangano yezempilo emhlabeni i-WHO, okungenani njalo emizuzwini engu-40, kuba khona umuntu ozibulalayo kuthi kwemithathu kube khona umuntu ozama ukuzibulala.

INingizimu Afrika ayisele ngaphandle ezibalweni zalabantu.

Njengoba kugujwa isonto lokukhuthaza abantu ukuthi bangazibulali, sikhulume nabafundi ngenhloso yokuthola ukuthi bake yini babe nomuzwa wokufuna ukuzibulala.

Nazi ezinye izimpendulo:

UMasothole Minicupper Langa uthe: Mina ngihlezi ngikucabanga kodwa ngiyasaba.

Sengike ngabhema insangu ngoba ngithi ngifuna isibindi, kodwa yavele yangizelisa ngalala ngaze ngaphaphama ekuseni.

UNombulelo Mkhathi
uthe: Ngike ngazama kodwa kwacaca ukuthi ngangihlaselwe yidimoni ngoba kwafika abazalwane bangikhulekela nami ngakhuleka nabo.

Njengamanje anginankinga, umhlabeleli uthi: "Bonke abanethemba elinjalo bayazihlambulula impela."

ULinda Mhlongo
uthe: Ngake ngazama ngoba ngangiphuzile, ngangithi umama akangithandi ngoba ngiyadakwa.

Ngaphuza amaphili ngaphaphama egumbini labagula kakhulu esibhedlela.

Sengiphapheme ngakhumbula abantu abangikhathalele nabangithandayo, nganquma ukuthi ngifuna ukuphila futhi angeke ngiphinde ngizame ukuzibulala.

Ngadabukela indodakazi yami eyabe ineminyaka emithathu.

Engakwenza kwabe kungukuzicabangela mina ngedwa, angikathandi ukufa, njengoba ngibhala nje, kuyavuka ukuthi kumele ngiiyixolisa ekhaya.

UThembi Mthimkhulu uthe: Sekuke kwangehlela, uke ufikelwe yisikhathi esinzima noma ungakhuluma ngaleso simo ubone engathi abakushayi ndiva, ubone kahle ukuthi akukho muntu ozwayo uma ukhuluma.

Into eyangisiza, ngathi ngibhala incwadi yesizathu sesinqumo sami, ngibhalela umndeni, kwavele kwathululeka bonke ubuhlungu ngagcina ngizumeka.

UPhilile Sibiya
uthe: Eish! Nami kuyangenza lokhu, ziyafika izikhathi ezinzima bese ngivele ngicabange umndeni wami nezingane zami ezizosala zihlupheka ngingasekho.

Ukuzibulala akusona isixazululo, uSathane usuke edlala ngathi esihlebela ngokwehluleka kwethu.

Uma unenkinga, kuhle uyikhulume nomunye ongakusiza ungahlali nento ekuphethe kabi ngoba uyogcina unquma ukuzibulala
.

UThobile Precious Ngema
uthe: Ngike ngikukcabange ukuzibulala ngenxa yokungamukeli isimo engiyiso futhi ngizibona ngingelutho empilweni.

ngiyazama ukwamukela ngizibe noma abantu behlekisa ngami, ngikhale bese kuyadlula.


Uma ungomunye oke abe nalomuzwa, nazi izinombolo ongazishayela, kuze uzosizakala:

The South African Depression and Anxiety Group - 011 262 6396.

Lifeline - 031 312-2323

AIDS Helpline - 0800 012 322

Suicide Crisis Line - 0800 567 567 noma SMS 31393

Abeluleki bathi akumele bashaywe indiva abantu abanomuzwa wokuzibulala, bathi usizo luhlale njalo lukhona.

Okubaluleke kakhulu ukuthi loyo onenkinga abhoboke ngenkinga yakhe bese esizakala.

Disclaimer: INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Inkulumo ngocansi nezingane

2014-09-01 13:42
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-25°C Sunny. Mild. Pta: 5-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-18°C Sunny. Mild. Bloem: 1-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 8-22°C Morning clouds. Cool. PE: 12-25°C Sunny. Pleasantly warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...