Baningi 'abahlanyiswa' ngosaziwayo
2013-02-27 16:29
Cape Town - Yebo isoka nginalo kodwa uMabhuti Khenyeza ngimthanda ngokungazenzisi futhi ngingenza noma yini ukuzuza inhliziyo yakhe, kusho owesifazane ongathandanga ukudalulwa igama lakhe.
Baningi abathi nabo banabo osaziwayo abaphupha ngabo.
USonto Cebekhulu uthe: Bengikade ngisanganiswa nguVin Disiel kodwa manje sekuwuMasilela weKhosi, uvele afuthe inhliziyo yami, lezi zinkanuko esinazo zokhombisa impilo.
UZolah Muthwa uthe: Kwanzima lokhu okwehlele le ntokazi, angisho ukuthi mina ngingazihlanyisa ngomuntu engingamazi.
Bayagula abanye abantu besifazane.
UBk Manyathela uthe: Yo yo yo, yo oooh! uZahara noma engama phakathi kwezinkumbi zabantu ngingakusho konke okungaphakathi kimi.
UDhlongolo Philani uthe: Zingane zakwethu ngiyabhubha ngoThandaza wakuMuvhango.
UThembi Cele uthe: Ngingowesifazane oqondile kodwa nami ngiyazifela ngoTerry Phetho, yinhle phela leya ntokazi, ngingaqabula nokumqabula.
UNozipho Khumalo uthe: Hheyi uyangibulala uSpha woMuvhango, ngahlanya ngimbona, ngacela nokushutha naye.
UMenzi Mavundla uthe: Uma ngingazitholela uMeiki weMuvhango ngingadela ngisho ikhaya ngibaleke naye.
Wena ngubani ongayiniki inhliziyo yakho ukuthula?
Disclaimer:
INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono
eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe
kuNews24, akuyona imibono yeNews24.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- News24