Bakhalela othathelwe ingane - Umbono
2012-07-02 14:01
Cape Town - Owesifazane waseThekwini wakhuluma nosonhlalakahle ethi abathathe usana
lwakhe banikele ngalo ngoba yena nomyeni wakhe bengasebenzi.
Ngemuva kokushintsha umqondo afune ukubuyiselwa ingane, usonhlalakahle
uyanqaba nengane, umile kwelokuthi namanje abazali abasebenzi, umthetho usamvumela umzali ukuthi aguqule umqondo ngesinqumo sakhe sokunikela.
Abafundi babeka kizimvo zabo ngalolu daba.
UNombuso Linda uthe: Umzali wayesadidekile, kumele abuyiselwe umtanakhe.
UPhindile Cele uthe: Kumele nakanjani abuyiselwe usana lwakhe.
UNkanyiso Masoka uthe: Ngabe le ngane izalwa nguye usonhlalakahle njengoba esenqaba nje, ingane ayibuyele kubanikazi.
Umzali yena wakuzwaphi ukulahla ingane ngoba engasebenzi, ingane
yakho uhlupheka nayo indle la odla khona
UBoniwe Nkutha uthe: Osonhlalakahle bawazi kahle wonke amalungelo, umzali unalolonke ilungelo lokubuyiselwa ingane yakhe.
UNo Phoswa uthe: Umama wengane wakhulelwa kanjani ezazi ukuthi angeke akwazi ukumelana nezindleko zomntwana.
Abamnike ingane yakhe, awe evuka nayo kuze engeke aphinde.
USburock Nxml uthe: Abamnike ingane ngoba useyabona ukuthi angakwazi ukumelana nezindleko zayo.
U-Anothile Chonco uthe: Cha
usonhlalakahle akabuyisele usana emuva, njengoba kwakuvunyelwene kahle nasekuqaleni ngoba kunokwenzeka ukube umzali
wayesaxekekile manje sekukhona ushintsho.
Usonhlalakahle akayele ukubukela phansi abazali
bomntwana.
USimphiwe Ntombela uthe: Yingakho
kubalulekile ukucabangisisa ngaphambi kokuthatha izinqumo.
Abahlale naye
phansi bathole izizathu ezenza anikele ngengane bese bethola izizathu
ezimshintshe umqondo futhi, akobe ufunde isifundo.
UMzukisi Maxwell uthe: Mabambuyisele phela uma eseyifuna ingane yakhe, kusho khona ukuthi uzokwazi ukuyinakekela.
Osonhlalakahle abanalo ilungelo lokumthathela izinqumo.
UThabisa Nomandla uthe: Kuyabonakala ukuthi umama uthole le ngane enezinkinga emndenini, manje isilungisiwe inkinga.
Kumele abuyiselwe ingane yakhe.
UBongani Simelane uthe: Uphambukile kodwa naye lomama.
Akabuyiselwe ingane baqale
ngokuyobheka uma bezokwazi ukuyondla ngampela.
UMalungelo Chiliza uthe: Kuyacaca usonhlalakahle wathatha umsebenzi ongamfanele, umzali wengane uma esewatholile amapulani okukhulisa usana lwakhe kumele
bamnike usana lwakhe.
UMlungisi Gubudu uthe: Ingane ayibuyiselwe emuva ngoba mhlawumbe umzali uselitholile icebo lokuyikhulisa.
UBuhle Mxinwa uthe: Ingane iyohlale ifuna unina ouyizalayo, kumelebamnikeze ingane yakhe uma bebona ukuthi uzokwazi ukuyimela.
UBheki Xaba uthe: Osohlalaka
akumele bathathele abazali iziqumo ngenxa yokungabi namandla kufanele
kube yibo osonhlalakahle abababonisayo ukuthi bangayithola kanjani imalli eyisibonelelo sikahulumeni.
Disclaimer:
INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono
eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe
kuNews24, akuyona imibono yeNews24.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo
ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).
- News24