Bahlukene phakathi ngowine e-casino

2013-01-22 16:23

Cape Town - Ngesikhathi ebona ukuthi uyahluleka ukuzilawula, usomabhizinisi uMahesh Kalidas, 53, wazicelela ukuthi angavunyelwa ukugembula kuwona wonke ama-casino akuleli.
 
Nokho uthi iMontecasino yaphula isivumelwano yamvumela ukuthi angene agembule.
 
Ngemuva kokuwina kwakhe i-jackpot, i-casino iyala ukumnika imali yakhe ayiwinile engu-R129 000, futhi isimthwese icala lokungena endaweni ngaphandle kwemvume.
 
UKalidas uthi kuyamxaka ukuthi bangamvumela ukuthi adlale ngesikhathi edliwa, kodwa kuthi uma ewina bese ethweswa icala, uthi angeke aphumule bengambuyiselile imali yakhe adlale ngayo kusukela ngoFebhuwari kuya ku-Okthoba ngonyaka owedlule. 

Abafundi bahlukene phakathi ngalolu daba, babeke kanje:

UPhumla Mlipa uthe: Mina ngokwami bengizothi abamnike imali yakhe ngoba bayamazi futhi benza isivumelwano, bona futhi behluleka ukusigcina.

I-casino yabona ukuthi ayimngenise, usewinile-ke manje, sekukhona inkinga ekubeni akubanga khona kukhuluma mabemfaka.

Hhayi bo! abayeke ukudlala ecasino ngoba ukuba ubewine u-R2000 bebazomyeka.

UThemba Ntuli uthe: Mina ngibona kuyi-casino enephutha lapha, isizathu sisobala - Uvunyelwe kanjani lo mnumzane ukuthi adlale?

Bekuwumsebenzi we-casino ukuthi ngesikhathi ebonakala bese ekhishwa, njengoba wayesicelele.

I-casino inamakhamera agcwele yonke indawo, abakwazi ukungamuboni sonke lesikhathi.


UMelokuhle Scelosamazulu
uthe: Uyaphambuka uKalidas, nguyena ongene endaweni yokugebhula ngokungekho emthethweni.

Wazisholo yena ukuthi akasafuni ukungena, manje useshaya ingwijikhwebu usefuna imali. Kumele akhumbule ukuthi uwine endweni engafanele ngesikhathi esingafanele.

UDocter Mngadi uthe: I-casino yenze kahle kakhulu yangamnika, le ndoda ize yazi kahle kamhlophe ukuthi ayivumelekile futhi yenza isivumelwano sokuthi angeke itholakale ngaphakathi.

UKalidas yisephulamthetho ekumele siboshwe.

UMbongeni Ndlovu uthe: Cha abamnike imali yakhe ayiwinile bo!

Ingani uyasho nje ukuthi kudala edlala edliwa yize ebengenayo imvume kodwa azange bambeke icala, i-casino ingazozenza izihlakaniphi.

Okukuqala i-casino nayo iphule umthetho ngokuvumela umuntu ongenamvume yokuthi agembule, ukube i-casino nayo azange yenze ubudedengu ngabe akunjena

Disclaimer: INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).





- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-26°C Sunny. Warm. Pta: 17-27°C Passing showers. Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 12-22°C Rain showers. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 14-27°C Showers late. More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-18°C Rain showers. More clouds than sun. Cool. PE: 15-19°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...