Bahlukene phakathi ngolwaka-SAA Umbono
2012-08-17 16:16
Cape Town - Inkampani yezindiza i-South African Airways
iveze ukuthi angeke isabaqeqesha abebala elimhlophe abafuna ukuzoshayela
izindiza, bathi inhloso wukuzama ukukhulisa isibalo sabantu abansundu
abenza lo msebenzi.
Okhulumela u-SAA uKabelo Ledwaba utshele iphephandaba iBeeld wathi siku-15% kuphela isibalo sabansundu abahlanganisa amakhaladi namandiya abashayela amabhanoyi akwa-SAA.
Abafundi bahlukene phakathi ngalesi siphakamiso sakwa-SAA.
UNhlakanipho T Ngcobo uthe: Ngiyaleseka kakhulu igxathu lakwa-SAA, ngiyabonga.
UThabo Khumalo uthe: Ngiyasithanda lesi sinqumo.
UThembnkoc Amos uthe: Lona ngumbono omuhle, kumele kuqashwe abantu abamnyama abakade bencishwe amathuba.
UThulany Richman uthe: Kumele engabe kade kwenziwa lokho, kumele namandiya nawo ancishwe leli thuba.
ULetty Alloys Gumede uthe: Benza kahle kakhululu, ake sithole ithuba nathi.
Lokhu akusikho ukubandlulula kodwa ukuvula amathuba.
USibonelo S'bo Ntombela uthe: Akusikho neze ukubandlulula lokhu, abantu abamnyama abawatholi amathuba amaningi omsebenzi.
UKhule Ladyk Ngxabi uthe: Lolu wubandlululo.
USizwe SmallMoola Zungu uthe: Wubandlululo lolu.
UPS Nkosi uthe: Manje njengoba bengafune kufunda nje uyokwenzenjani u-SAA loyo?
Wubandlululo nje lolu, akukho futhi okunye.
UMlulami Mludja Dike uthe: Ibambe ngakho impela, kudala siyifuna int enjena.
Kuningi ekumele kubhekisiswe nokho, mina ngithi akuqeqeshwe abamnyama ayi amandiya namakhaladi.
USandile Memela uthe: Kungani sibandlulula abantu abamhlophe, mina ngiyasaba ukushayelelwa wumuntu omnyama.
USizwe Zondi uthe: Kuhle kakhulu lokho, okuncono nabamnyama bathole amathuba.
UMfundo Treasure uthe: Mina ngibona kuyigxathu eliphusile leli, ikakhulukazi intsha yase makhaya njengako Ndwedwe.
UCyahbonga Awande Mbatha uthe: Akunabandlululo la, bazama ukulunganisa nje isibalo sezinhlanga.
UMabhiza Mshengu uthe: Kuhle kakhulu ngoba intsha izosizakala ngomsebenzi kodwa ke kuzodingeka iqinise kakhulu ezifundweni ngoba ukushayela ibhanoyi akusiwo neze umdlalo.
UVelaphi Nyembe uthe: Angiyikholwa nakancane lena, amanga akuhlaza.
USithembiso Myeza uthe: Kuyajabulisa ukuzwa ngesinqumo esesithathwe yi SAA, lokhu kubuyisa ithemba, kukhombisa ukuthi abakhohliwe ngabantu abebencintshekile amathuba ngaphambilini.
Angingabazi futhi ukuthi leso sinqumo sizowukhuphula umnotho kwabansundu.
UNolwazi Mbatha uthe: Kuhle uma kuvela amathuba anjena siwasebenzise.
UThobeka Tobza uthe: kubi kakhulu lokhu abakwenzayo ngoba vele abantu abamnyama bayahluleka emigwaqeni, kuzokuba njani emoyeni?
Disclaimer:
INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono
eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe
kuNews24, akuyona imibono yeNews24.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- News24