Bahlukene phakathi ngokuvota - Umbono

2012-11-13 16:24

Cape Town - Owesifazane waseMelika ugandaye umyeni wakhe ngemoto, ngemuva kokungakhombisi kwakhe ilukuluku lokuvotela uMengameli uBarack Obama.

Sibuze abafundi ukuthi kungakanani abakwenzayo ukuqinisekisa ukuthi abantu bavotela iqembu abalithandayo.

Babeke kanje:

USiphiwe Love Khumalo uthe: Mina akukho esengake ngakwenza, ngikholelwa ekutheni umuntu nomuntu unelungelo lokuvotela noma ngabe ngubani afuna ukumvotela ngaphandle kokusatshiswa.

UJikephi Shange uthe: Ngikhankasa ngokuhamba ngingena umuzi nomuzi nginxenxa abantu ukuthi bavotele u-ANC ngoba nginenkolelo yokuthi leli yiqembu elingeza noguquko ezimpilweni zabantu.

U-Ayanda Ifpyb Ntshingwayo uthe: Mina ngiyakhankasa kuyimanje, ngikhankasela iqembu lami Inkatha Freedom Party ukugqugquzela abantu ukuthi kuyavotwa khona bezoba nezwi ekubusweni komphakathi nakubo bonke ohulumeni.

UMelusi Richman uthe: Angikaze ngivote futhi angifisi, ukuthi kuphatha bani kudliwa bani akungifakeli saka ekhaya lokho ftuhi abantu bepolitiki bayafana banamanga bonke.

Umfazi lona ubulawa wukuphapha, usengaze agxobe indoda ngemoto, cha ungumsangano nje kwaphela.


USiniko Nathi Chagi WaseBizana
uthe: Sengike ngavota kodwa ngeke ngiphinde, akungisizi ngalutho kunalokho kusuthisa amadoda athile nokuthi kuphasiswa imithetho ephikisana noThixo okuwukuthi nami ngiyamphikisa uThixo ngoba yimi phela okhethe lo muntu oseshaya umthetho.

U-Alfed Monwabisi Mngcele uthe: Mina ngaqinisekisa ukuthi i-ANC iyaphumelela ngesikhathi sivotela ubaba uNelson Mandela,ngavota ngifuna ukuqinisekisa ukuthi iNkatha ayiluwini ukhetho, manje angisenandaba nokuthi ubani ophumelelayo ubani ongaphumeleli.



Disclaimer: INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).






- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 9-19°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-15°C Sunny. Cool. Bloem: 2-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 12-22°C Mostly sunny. Mild. PE: 9-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...