Bahlukene phakathi ngoJohnson - Imibono yabafundi
2013-02-21 16:15
Cape Town - Kuthiwa umuntu uma umshaye kahle uyabonga.
Ngemuva kokushwaywa kwePlatinum Stars ishaywa yi-Orlando Pirates, umqeqeshi wayo uCavin Johnson usethulele iBhakabhaka isigqoko wathi iyiqembu elihamba phambili kunawo wonke amanye eNingizimu Afrika.
“Anginakuthini ngithini, i-Orlando Pirates izihambela yodwa eNingizimu Afrika, futhi ilona kuphela iqembu elisakwaze ukusephuca amaphuzu ayisithupha kule sizini.”
Bayaphawula ngokusho kukaJohnson:
UDingani Mgidla Ntuli uthe: Akusiyo into engashiyo yiPlatinum Stars leyo, isizuzeni selokhu yaba khona, iqembu elihamba phambii ulibona ngokuthi libe nezindebe eziningi, yiChiefs leyo.
UThamsanqa Mncube uthe: Ubekhuluma into engekho lo mqeqeshi.
UDerick Vumelani Mngomezulu uthe: Cha ilungile le ndoda, ishaywa bese ivuma induku.
Mpume Khumalo uthe: Phela ezikaMagebhula zagebhula umhlaba kamasipala.
UBongani King Nkosi uthe: Ngale nje kokuthi uyazincengela uJohnson, yona iBhakaniya ihamba phambili, yenza kangcono kakhulu kunamanye amaqembu akuleli.
UMzie Jack Ntuli uthe: IBhakabhaka ezimnyama ngenkani!
UKenneth Ngcobo uthe: Umane uyazisholo nje, ubengabuye athini?
IPirates ihluleke yancama ukushaya uSuthu, manje isihamba phambili-ke ngalamaphuzu ayisithupha, lilodwa iqembu elihamba phambili eNingizimu Afrika, yiChiefs leyo.
UZodwa ZV Mavundla uthe: Umona awuphele, into enhle iyanconywa.
Disclaimer:
INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono
eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe
kuNews24, akuyona imibono yeNews24.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- News24