Bahlukene phakathi ngoCele - Umbono

2012-11-20 16:23

Cape Town - Igatsha le-African National Congress eLamontville, eThekwini, aliliphakamisanga igama likaBheki Cele, emagameli alabo ekubhekeke babange izikhundla okhethweni lobuholi eMangaung ngenyanga ezayo.

UCele washaywa ngesithende yigatsha eliseThekwini ngemuva kwamahemuhemu athi ugaqele iskhundla sikaMengameli uJacob Zuma.

Abafundi bayaphefumula ngokushiywa ngaphandle kukaCele.

UBongani Mzima Hesi uthe: Phela iqiniso alifuneki kwezombusazwe, uma usebenza ngalo ushaywa ngesithende njengaye nje uNdosi.

Noma ubani uyawazi amagalelo aleya ndoda,  phela uyasebenza uCele, lokho kwaziwa nayingane encane.

UGoodman Simphiwe Mafuleka
uthe: Kumele singakhohlwa ukuthi iKwaZulu-Natal  ithwele ngeqoma uMsholozi kanti uNdosi kuke kwavela ukuthi uhambisana noguquko oluvuna iSekela Mengameli uKgalema Motlanthe.

Angeke uthathe inyoka uyifake ebhantshini ngoba izofike ikujikele phambili isibona ezinye, angeke iKZN ihambe naye ekubeni engeke avote nayo.


UThembinkosi Gudman Indidane Mngomezulu
uthe: UCele kubukeka sengathi sekuphelile ngaye ezintweni ezithinta uKhongolose ngendlela engibona ngayo, ubenza umsebenzi omuhle oncomekayo eqenjini nasemphakathini njengoba wakwazi ukunciphisa izinga lobugebengu ezweni.

Ufike wayimosha odabeni lwakhe lwamabhilidi, amagalelo akhe wonke avele ashabalala.

UMthoh Jeza
uthe:  Ukulungele ukuba ungqongqoshe eKZN, hhayi kuzwelonke..Unazo isikhwepha zokusebenza emphakathini.

UZamo Kunene
uthe: Namanje ngisakhala ngoCela, ubephethe kahle embuthweni wamaphoyisa, yebo kungenzeka walenza iphutha kungenzeka akanalo ulwazi ngezinto ezithize zasemahhovisi.

Ngithi okungenani kwakumele namnqinde amandla kodwa aqhubeke nomsebenzi wakhe abengumkhuzi wamaphoyisa.


UBoynkie Madondo uthe: UCele uyadingakala embuthweni wamaphoyisa, ukube akaxoshwanga yayingeke yenzeke inhlekelele eyenzeka eMangaung.

Sekucacile ukuthi akafuneki umuntu osebenzayo, akayekelwe ke ngoba uyaweza umsebenzi wakhe, esaphethe ezokuthutha wayezibambela ngezanda kwaZulu-Natal lalungafakwa.

Uma kuthiwa kusetshenziswa izisdakamizwa elokishini wayenganqeni ukungena kulo ezihambela ngezakhe, kuphele yonke inkohlakalo.


Disclaimer: INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).






- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Yebo ke!!!

2014-10-01 15:17
Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-22°C Sunny. Mild. Pta: 12-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 9-20°C Sunny. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-18°C Showers late. Afternoon clouds. Cool. PE: 12-19°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...