Bahlukene phakathi ngo-Ismail - Umbono
2012-07-11 16:28
Cape Town - Isikhulu samaphoyisa uMunaf Ismail okhonza ngaphansi kwenkolo
yamaSulumane akalisebenzisi ithoyilethi elisetshenziswa ngozakwabo
abamnyama, uncamela ukusebenzisa elabantu abakhubazekile elisetshenziswa
ngozakwabo abathathu abamhlophe ngebala.
Inkolo yamaSulumane ithi abesilisa kumele bahlale phansi uma bechama ayisho lutho ngabantu abansundu.
Abanye babafundi bathi bayakuqonda ukwenza kuka-Ismail, abanye bathi ubuswa wubandlululo.
UThabani Mnguni uthe: Ayikho indaba ka-Ishmael, uyacwasa nje kwaphela bese ecasha ngenqubo yenkolo.
USifiso Mncedisi Ndlovu uthe: Ayihlonishwe inkolo yomuntu!
UVuyisile Ddo uthe: Lolu wubandlululo lokuqala nolukugcina, akekho umuntu ongenalo isiko noma inkolo.
UTC NSele uthe: Kungenzeka ukuthi amathoyilethi asetshenziswa wozakwabo aphoqa ukuba umuntu achame emile bese kuthi lawo ozakwabo abakhubazekile wona aphoqa ukuba uhlale phansi.
UGundy Fanele Mamthethwa uthe: Sengakhe ngawabona amathoyilethe abo, angeke ulisebenzise uma uqala ukulibona.
Abantu bangaohatheki kambi, angeke uyiqonde inkolo yabo.
USphiwe Sihle Mqadi uthe: Kusobala ukuthi uyabandlulula, kumele izikhulu eziphethe zilusukumele lolu daba ngoba lusengaxabanisa kakhulu.
UPhilisiwe Masgwazi uthe: Lo mlisa mina uyangihlekisa qha.
USandile Latha uthe: Cha akabandlululi, abantu abamnyama banomkhuba wokuchamela amathoyilethi, nawe ngeke uhlale phezu komchamo wenye indoda uma lithi isiko lakho hlala phansi uma uchama.
UHappiness Mlilo uthe: Banjalo mina ngisebenza nabo, abawasebenzisi amathoyilethi asetshenziswa abantu abamnyama futhi angeke baphuze ngisho ngenkomishi ephuze umuntu omnyama.
UMtarget Dlamini uthe: Inzima eyezinkolo zamabandla, wonke amasonto anemtheshwana yawo angenanqondo futhi anobandlululo phakathi .
Isonto alehlukile nesihogo ngoba bazakhela imithetho yabo amanikazi bamasonto beqambele uNkulunkulu amanga bethi uyena osho njalo besho bephethwe yilokhu ukungcola abanakho emakhanda abo.
Abantu bamasonto banobandlululo ongakaze ulubone bazenza abantu abaphila komunye umhlaba bebe bengachazi lutho belahlekelwe isimilo sobuntu babo namasiko abo.
UMsawenkosi Nokhonza Tshaka uthe: Yinkolo yakhe akabandlululi,kunjengoba echazile.
UWiseman Nxele uthe: Kusewubandlululo lolo olwenziwa ilo mlisa.
ULess Yada Yada Mcmthemu uthe: Unobandlululo qha.
U-Enock Dorrison uthe: Yinkolo yakhe emphoqayo ukuthi enze akwenzayo.
UXolani Mazibuko uthe: Ngihlale ngisho ukuthi ubandlululo ngeke luphele, uma kukhona uhlobo olusenza kanje.
Abantu kumele bazibike izigameko ezinjena.
UPhilani Mhlongo uthe: Akabandlululi kodwa yinkolo yakhe, phela ezinye izizwe ziyazihlopha izinkolo zazo.
USibisi Xulu uthe: Anobunuku amathoyilethi asetshenziswa abesilisa abamnyama.
UDumsane Ntshangase uthe: Uyasigangela lona, yindoodaenjani echama ihlezi.
UNombulelo Silinda uthe: Akukhulunywe iqiniso, izindklu zangasese ezisetshenziswa abantu abamnyama awahlanzekile neze, angimusolo lo mbhemu.
URachel Ntuli uthe: Ngiyacabanga kuhlangene nenkolo yakhe, abantu sebejahe ukumemeza ubandlululo.
ULonwabo Mazeka uthe: Uyacwasa qha lo muntu.
UThamisanqa Ngcobo uthe: Myekeni enze okuhambisana nenkolo yakhe.
UCecil Luwa uthe: Unamanga akukho la kukhulunywa khona ngezindlu zangasese kwi-Quran.
Ayihlangene nenkolo lena ayenzayo.
UBongi’omhle Phewa Ngcobo uthe: Inkolelo yabo, vele banobandlululo.
UThabiso Zungu uthe: Ungavumeli isiko lakho likuqhathe namasiko abanye.....Nathi asithandi ukutshelwa ukuthi sihlukumeza izilwane uma sihlaba.
URich Makhaya Mhlophe uthe: Kungenzeka ukuthi akafuni bambone echama ehlizi phansi noma vele unenkinga ngabantu abamnyama.
Kudala umuntu onjena sasithi uzenza umlungu manje lona sizothi uzenza ngcono nje kwaphela .
UCelimusa Zulu uthe: Akulungile okwenziwa yilo muntu.
UMkhomby Zungu uthe: Bandla ningamgxeki lo muntu.
Disclaimer:
INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono
eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe
kuNews24, akuyona imibono yeNews24.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- News24