Bahlukene phakathi nge-adoption
2012-07-10 16:20
Cape Town - AbakwaSA Institute of Race Relations bathi abantu baseNingizimu
Afrika bancamela ukukhulisa izingane zezihlobo noma ezabantu ababaziyo
kunokuthi bakhulise izingane abangazazi nhlobo ngokohlelo lwe-adoption.
Zibalelwa ku-5.2 million izintandane ezikhona kuleli.
Abafundi beZindaba News24 babeka izimvo zabo ngohlelo lwe-adoption.
UMduduzi Myeza uthe: Mina ngingayikhulisa kuze kuzokwehla isibalo sezintandane.
UZaza Mbele uthe: Mina
ngingamkhulisa umntwana, inkinga iba sekutheni uma inkane isikhulule abantu
bayayitshela ukuthi akusiye umama wakho lo wena wathathwa ezintandaneni..
okunye okuba yinkinga kuba yimibandela kahulumeni ethi kumele ube nemali ukuze ukwazi
ukunakekela kahle le ngane.
Kithina nje esizidingayo lezi zingane kuba nzima
ngempela ukuzithatha, ngingawa ngivuka nayo ngiyinike lonke
uthando enginalo ngabantwana.
USboniso Emmanuel uthe: Kulula ukukhulisa umuntu onobuhlobo naye kithina ma-Afrika ngoba sinamasiko abuye ahluphe.
Uyokwenzenjani kumuntu ongamazi uma sekudingeka isiko?
UPro Mkhwanazi uthe: Uma kungase kwehle kuqala isibalo sokuhushulwa kwezisu
nesobaba abangondli ezabo izingane singaqala ke sikhulume ngodaba lwe-adoption.
UMbulelo Nxumalo uthe: Isiko lokwenziwa njani?
UMalungelo Chiliza uthe: Mina ngincamela ukukhulisa ingane engingayazi ngoba ngeke ingishiye ekugcineni iphindele kubo.
URT Luthuli uthe: Mina
ngyabonga ngakhulisa ingane yomfowethu ngaze ngayifaka emsebenzini namhlanje
ithi ngiyayithakatha ngoba isino-26.
Angisahlali ngisho ekhaya
ngoba uma ngiyixosha iyagoloza bese iyangithuka....angufune ngane
yamuntu eduze nami.
UNhlanhla Zwane uthe: Kona kunzinyana, kungangcono uma isibongo sifana.
UPhumlani Mlitwa uthe: Ngeke
ngiyikhulise ingane engingayazi imvelaphi yayo, mina ngiyakholelwa osikweni futhi wonke umuntu unesiko lakhe.
Manje uma ngingamazi ngingaphuma ngiye
ngakuphi?
UMbali Ngubane uthe: Ngingayikhulisa kodwa kumele ngiqale kulezi eziseduze kwami kuqala, eziyizihlobo.
UZuko Xaki uthe: Abantwana bayafana, ukuthi uzalwa nugbani akuchazi lutho lokho.
UKhosi Sibisi Xulu uthe: Angisoze.
UThembinkosi Mabika uthe: Kungaya ngokuthi ingakananai leyo ngane, ngingakhulisa kuphela eneminyaka engaphansi kwemibili ubudala.
Disclaimer:
INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono
eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe
kuNews24, akuyona imibono yeNews24.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- News24