Bagqoka budlabha abantu emsebenzini - Umbono
2013-01-24 16:28
Cape Town - Osiyazi bathi kukhona izinto ekungamele nangengozi uzigqoke emsebenzini.
Lezinto zihlanganisa ama-Tight noma amaLeggings, izikhindi ezimfishane kakhulu, ophaqa, amahembe abonakalisa umzimba noma ubhodisi kanye nokuvezwa ngaphandle kwamabele.
Abafundi bathi kuningi ukugqoka okuyinkinga okubonakala ezindaweni zomsebenzi, abanye bathi abantu, ikakhulu abesifazane sebephelelwe wukuzithanda.
UDebbie Mtshali Uthe: Kumele kube nomehluko uma ngigqokele ukuya eMall noma ngigqokele ukuya emsebenzini.
Angiziboni nje ngijaha ibhasi ka 06:30 ngigqoke isikhindi sami esincane engisithandayo.
UMesuli Mayor Mthembu uthe: Ike yangenza lento, ngenxa yokuthi angihlali nginabasebenzi njengoba nginebhizinisi.
Ngelinye ilanga ngatheleka nje emsebenzini tholiyane omunye wabasebenzi lento ayeyigqokile ngapha emuva iyizintambo umzimba uhleli obala, ngaphambili amabele avele obala wena owabona abathengisa ngomzimba.
Angazanga kumele ngenzeni ngashaywa amahloni, ngabiza imenenja ngayibuza ukuthi itheni mayibona lo mhlola, naye ngambiza ngamtshela ukuba agqoke ijezi noma ijakhethi akuvumelekile nje ukugqoka ngohlobo lokukhangisa ngomzimba emsebenzini.
UMichael Zondo uthe: Izinto ezilula njengamavesti nophaqa njengoba kushisa kangaka nje ziyafuneka kodwa kuya ngokuthi wenza msebenzi muni.
Ukugqoka kwakho kumele kuhambisane nomsebenzi owenzayo.
U-Amino Njabz Khumalo uthe: Asimdingi umuntu ozosivusela izinkanuko emsebenzini, uma efun ukudayisa ngomzimba kiya exindaweni ekuthengiswa kuzo, kuhle abesifazane bagqoke ama-jean.
Nina madoda fihlani imilenze emsebenzini.
UNhlanhla Christopher Nkwanyana uthe: Uma ugqoka uya emsebenzini kumele ugqoke ucabange ukuthi awuyi emfashinini, uya emsebenzini futhi uyohlala nabantu amahora ambalwa akufani nokuya edolobheni lapho bazok'bheka wedlula.
UThandazile MaSikhosana Potwana uthe: Akubukeki ngempela sekuvele ubhodisi owumbala nephenti, ngaphansi kwalokhu okugqokile.
Ziningi izinto ezidala amahloni emsebenzini.
Disclaimer:
INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono
eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe
kuNews24, akuyona imibono yeNews24.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- News24