Badlala ngathi kolwezimvo - Umbono
2013-01-04 15:03
Cape Town - Kuyagcina ngoLwesihlanu (namhlanje) ukubhalisela ukuba yingxenye yolulalelwa kwezimvo zomphakathi ngokwenyuswa kwamanani kagesi.
Abakwa-Eskom bafaka isicelo kwaNational Energy Regulator of South Africa (Nersa), bethi bafuna ukwenyusa amanani kagesi ngo-16%, esikhathini esiyiminyaka engu-5 ezayo.
Okhulumela iNersa, uCharles Hlebane uthi izimvo zomphakathi zizosiza ekuthatheni isinqumo ngalesi sicelo.
Sibuze abafundi bethu ukuthi sebekulungele yini ukuyokwenza izethulo zabo ngaphambi kwabakwaNersa, baphendule kanje:
UCollin Sandile Kansas Khathi uthe: Kuyafana nje imiphakathi kabayilaleli!
Ukuzenza nokungazenzi lezo zethulo angiboni kuzoyiguqula imiqondo yabo, kuphela nje okuzolandela yiloluhlelo lwabo lokuwucisha ngezikhathi ezithile bethi banciphisa umthamo.
USithembiso Nkwanyana uthe: Abakwa-Eskom benza amaphathi ezigidi qede befune ukunyusa ugesi, kudlalwa ngathi eNingizimu Afrika.
Izikhulu zenkampani kumele zehlise imiholo, bese imali ifakwa ezindlekweni zikagesi.
USimphiwe Ntobela uthe: Iyinkinga le ndaba ngoba kunyuka ugesi kuphela amaholo wona ami ndawonye.
UThami Khumalo uthe: Uma sebenqumile akekho ongabaphikisa ngoba indaba iqala idlule kuhulumeni.
Thina, izakhamizi asilalelwa, aliqhubeke izwe libhubhe.
Disclaimer:
INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono
eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe
kuNews24, akuyona imibono yeNews24.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- News24