Badla kahle abaqwayizi

2014-08-22 16:00
Sibongiseni Shangase

Sibongiseni Shangase

Durban - Kunezinto ezinesici nesigcwagcwa kwabaningi kodwa uma ngibheka ngeso leNtshebe ngibona engathi lezici siyazikhuthaza singaqondile wena owabona abantu bedla isqatha besiphika.

Ukuqwayiza kunechilo elibi okumele engabe liyakhuzwa kunokuthi ligqugquzelwe. Kodwa ngokubuka ukuthi sekuqwayizwa ngandlela ningi futhi bese abaqwayizi bekhokhelwa imihlomulo ebhekile mhlampe kuyomele uhulumeni wethu asale eseyivuma eyigunyaza le mboni yokuthengisa ngento onayo.

Le mboni iyichilo kubantu abaningi kodwa iningi lamaphephandaba esiZulu liyakungenisa kancane kancane ukuqwayiza ngale kwezikhangisi ezinqunu kunekhasi lo”buhle bendalo” elingaconsi phansi kubalandeli balo. Lapho izintombi ezizethembayo ngemizimba yazo zithwetshulwa zifake onomndindi besilungu ukuhloniphisa isibaya somnumzane.

Bese ngiphinda futhi ngilunguza ukuqwayiza okusemthethweni yize kungakabi semthethweni. Kunezitolo ezivulwa ngokushona kwelanga lapho izinsizwa zingena khona ubuthaphuthaphu zizozidelisa ngokubukela abantu besifazane bedansa ensikeni behambaze. Lo mdanso awufiki esibayeni somnumzane kangangokuba intombi-nto ingadla kahle ngaleli bhizinisi kodwa isale nobuntombi bayo bunjalo.

Kunentokazi ebizwa ngoBoitumelo “Boity” Thulo, le ntokazi iqwayiza udede…egameni lokuthi isiza umphakathi “for charity”. Uma ngampela ukuveza isinqe nokuhamba nqunu kwentombi kukwazi ukondla izintandane yini pho uhulumeni wethu angakwenzi kube semthethweni ukuqwayiza ukuze akwazi ukubavikela abaqwayizi bengaxhashazwa.

Naye uhulumeni angahlomula ebomvu imali kulo mkhakha.

Ingcono kabi intombi eqwayizayo yenze imali, yondle ekhaya okunalezintombi ezipiklela abaqwayizi kodwa zihambe ziqethuka kodwa lutho izinkomo ekhaya.







Xhumana neNtshebe ku-sbmvula@gmail.com

Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
4 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Showers late. Partly cloudy. Cool. Pta: 15-24°C Broken clouds. Mild.
Jhb: 14-23°C Afternoon clouds. Mild. Bloem: 15-28°C Morning clouds. Warm.
Dbn: 21-32°C Sunny. Warm. PE: 19-25°C Showers late. Partly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...