Ayisile eyikuthwala amantombazane - Umbono
2012-11-22 15:00
Cape Town - Uhulumeni usesungulwe ithimba eliyisipesheli ekulindeleke ukuthi liphenye ngezehlakalo zokuthwalwa kwamantombazane esifundazweni eKwaZulu-Natal.
Sibuze abafundi izimvo zabo ngalo mkhuba wokuthwalwa kwabantu besifazane.
USizwe Bhono Mthembu uthe: Ngokwazi kwami kwakungathwalwa noma ubani, isoka lalivumelana nentombi yalo ikakhulu uma abazali bentombi bengalithandisisi lelo soka.
Ngemuva kokuthwalwa kwentombi bekulandela izinkomo ngokushesha, hhayi lokhu kwezishimane ezithwala izingane ezingakazi lutho.
Ababoshwe.
USipho Zimkhonzenjengoswidi Mpungose uthe: Indaba yokuthwala udoti, kuyichilo. Abantwanta mabakhule bazikhethele bazithathele inqumo sebekhule ngokwanele.
USikhumbuzo Mbuso Mthembu uthe: Uma ungabhekisisa kahle bonke abagxeka lo mkhuba ngabantu abahlala emadolobeni benjalo abahlangene nalesi senzo.
Abanye abantu abazithola kulesi simo bayakujabulela, abanye baqhuba usiko kwazise bakhona abangawazi amasiko.
Ngesingami anginankinga nomuntu osaqhuba lolu siko ngoba ekugcineni iyaphuma imendo.
Wena ophawula ugxeka uwushadile ngani, unezingane ezingaki ngaphandle komshado?
Asiyeke ukugxamukela izintweni ezingahlangene nathi, onenkinga nothintekayo kulesi senzo uyazazi iziteshi zamaphoyisa.
USboh Ndlovu uthe: Kungadlalwa nje ngezingane zithwalwa omakade bebona!
Lo mkhuba angiwazi mina, kumele uyekwe bese intombi iziqomela kahle ngokuthanda kwayo.
Disclaimer:
INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono
eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe
kuNews24, akuyona imibono yeNews24.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- News24